EMUVA kokubonakala okokuqala kwiSona ngoLwesine olwedlule, isihlabani sikaDJ wakuleli sesiphefumule okokuqala ngqa ngengozi eyasehlela. UBlack Coffee wakhipha isitatimende ngoJanuwari 10, eveza ukuthi ubesengozini yendiza. Lokhu kwashiya izakhamuzi eziningi zishaqekile kodwa kwehla imimoya uma ebonakala ngesonto eledlule. UBlack Coffee ubonge ukwesekwa ngesikhathi esinzima, wathembisa nokuthi uzobazisa ngokushesha ngesimo asebenzela phezu kwakho.
"Ngiyabonga kuNkulunkulu ngokunginikeza elinye ithuba. Ngizokwenza isimemezelo maduze ngemicimbi ezayo," kusho uCoffee.
Akagcinanga lapho, uphinde wabonga nabantu ngomhlonipha nomndeni wakhe ngesikhathi ebhekene nesimo esinzima.
"Ngiyabonga ngokungihlonipha, ngithathe isikhathi esidingekayo ukuba sekhaya ngelulame nginomndeni," kubeka uBlack Coffee.
Abantu balokhu beqhubeke njalo nokumeseka futhi bazwakalisa okukhulu ukujabula ngokubona umyalezo wakhe.
"Ungabe usaya phesheya kakhulu ungabikile ekhaya. Siyabonga iNkosi isakugcinile," kusho uSlime One Time.
"Cishe salahlekelwa omunye, uNkulunkulu muhle," kuphawula uDon W Setshwaro.
"Thatha isikhathi sakho, ngiyajabula uyelulama," kubeka uVuyokazi Moyakazi Majola.
"Sinawe indlela yonke," kusho uPhillos Italiano.
"Uphole mfo kaMaphumulo," uNatty Niso Mahlase usho kanje.