INGWAZI yomculo wekwaito, uBonginkosi "Zola 7" Dlamini, icasulwe ngumethuli wezinhlelo zethelevishini, uZola Hashatsi “ngokuwaka” abantu ngokugula kwakhe.
Izinkampani zikaZola 7, okuyi-27 Media neGuluva Records zikhiphe isitatimende egameni lomculi ziziqhelanisa nomkhankaso okuthiwa ngokaHashatsi, wokunxenxa abantu ukuba banikele enhlanganweni yakhe ngenhloso yokuqongelela imali yokufundisa izingane zakhe nokukhokhela izindleko zokwelapha lo mculi wodumo loMdlwembe neGhetto Fabulous.
"Sekufikile ezindlebeni zikaZola 7 ne27 Media ukuthi kunenhlangano esunguliwe ekuqaleni kwesonto ngabazibiza ngeZola 7 Guluva Foundation. Le nhlangano isungulwe ngumethuli nophrojusa wezinhlelo zethelevishini, uZola Hatshatsi. Le nhlangano ihlose ukuqongelela izimali kubantu baseNingizimu Afrika..."
Isitatimende sithi abe-27 Media neGuluva Records bayaziqhelanisa nesenzo sale nhlangano. "Asazi lutho mayelana nebhizinisi lale nhlangano. Sifuna ukuchaza futhi ukuthi inhlangano isungulwe ngaphandle kolwazi lukaBonginkosi Dlamini, nabasebenzi bakhe. Ngakho sinxusa abantu bakuleli nezinkampani banganikeli ngalutho kule nhlangano."
Siqhuba isitatimende sithe uZola 7 nasebenza nabo baphoxeke kakhulu ngalo mkhankaso ngoba ukhombisa ukumdelela nokusebenzisa igama lakhe ukunothisa othize.
Kwenzeka lokhu nje uHashatsi ubevakashele uZola 7 kwakhe emuva kokuba kunothize oqambe amanga wathi uZola 7 akasekho. Ube esenxenxa abantu ukuba babungaze ubizo wakhe esadla anhlamvana hhayi bamlinde aze adlule emhlabeni. Imizamo yokuthola ukuphawula kukaHashatsi igcine ingaphumelelanga kwaze kwayoshicilelwa.
UZola 7 usanda kudalula ukuthi uguliswa yisifo sokuwa esesimgingqe kaningi nezimoto. Isitatimende sithe uZola & ugulela ekhaya futhi uyazelapha kahle.
"Bakhona abaningi abafisa ukunikela ngezimali zokuba aye kodokotela abangongoti, abelaphi bendabuko nabanye abaningi abafuna ukumnikeza usizo. UZola 7 uthanda ukubonga futhi usizo uzolwamukela uma sekushaye isikhathi."
Sesiphetha isitatimende sithi izindaba zezimali nezinkampani zikaZola 7 kusezandleni zenkampani yabammeli i-Eric Mabuza and Associates.