USWELE amaphiko okundiza yinjabulo umculi we-Afro Pop osathathe ikhefu okwesikhashana emculweni, nosanda kuteta usana.
UZandi Khumalo-Gumede, unameke izithombe ngoLwesibili ekhasini lakhe kwi-Instagram encelisa usana abelugonile elele embhedeni esibhedlela, iShelly Beach esePort Shepstone.
Ubhale umyalezo okhomba ukuthi ukujabulele ukufezeka kwephupho lakhe lokuba nomntwana.
“Ngiyabonga kunina nonke ngemiyalezo yenu yokungihalalisela. Siyimiqemane sinoZenala futhi sesizogoduka,” kubhala umculi kwesinye sezithombe.
Ingene ilakanyana imiyalezo yezilokotho ezinhle ibhekiswe kuye, nosaziwayo abanjengoDJ Happy Gal, Ntando Duma, Jacinta Ngobese, Thembi Seete abazange basale ngaphandle.
Ethintwa uZandi, uthe uzizwa ejabule ngokufika kwendodana yakhe uZenala. “Njengoba kyisikhathi seCovid-19, ngithathe isinqumo sokuthi ngihlabe ikhefu lokunakekela umntwana wami. Ngihlele ukuthi ngibuyele emsebenzini ngoNovemba, kwazise nginohlu lwemicimbi okumele ngiyonandisa kuyona,” kuchaza uZandi.
Uphethe ngokubonga abalandeli bakhe njengoba i-EP asanda kuyikhipha, isihlanganise igolide.