UMCULI we-afro pop uWinnie Khumalo, nendodakazi yakhe uRethabile, bagonyuluke okokuqala ngokuba nabantu abadala.
"Thina singabantwana bedlozi. Siyakhuleka, siyaphahla," kuchaza uWinnie.
Ekhuluma kwiThe Venting Podcast, uWinnie uthe uthwasile futhi waphothula konke. "Kodwa uyazi ukuthi kulolu hambo lwethu azipheli izindaba zakhona. Kuvela lokhu, kuvele lokhuya. Kuthiwe lapha awenzanga kahle." Uthe noRethabile unalo idlozi kodwa lisazithobile.
"Yingakho uma umuzwa ecula kuvuka amadlingozi. Uze uthuke." Uthe yena uthwase ngesikhathi esanda kukhipha ingoma yakhe eyayithi Let Me Live My Life kodwa okwakhe kwakuhlukile ngoba wayengahlali namanye amathwasa futhi engayenzi imisebenzi yasendlini njengawo.
Ebuzwa ukuthi kungani engagqoki ubuhlalu njengezinye izangoma, uWinnie uthe akathwaselanga ukwelapha abantu kodwa ubegcina isiko okwakufanele lenziwe ngugogo wakhe.
Nakuba uWinnie ephumele obala kodwa uthe akathandi ukukuqhakambisa ngoba ubuye abe nabalandeli abasindisiwe.
"Angifuni ukuzithola sengigaxela. Kunjengezinto zepolitiki. Kwesinye isikhathi ngiqashwa yi-ANC. Kwesinye isikhathi ngiqashwa yi-EFF. Kuba nabantu abakwehlulelayo kanti ekupheleni kosuku ngenza imali ngendlela elungile."
Ebuzwa ukuthi ngabe ukuthwasa sekuyimfashini, uWinnie uthe akaboni kanjalo kodwa ubona abantu abamnyama sebetholile ukuthi yikuphi lapho bebizelwe khona.
"Abanye abafuni ukuya esikoleni. Bagebenga abantu. Uthole ukuthi abantu abasazethembi izangoma nezinyanga ngoba bakubona sewugqoke ibhayi nobuhlalu kanti wena uyazidlalela. Ubone indlela elula yokwenza imali." Uthe kuzo zonke izindawo kunongqo nombombayi, ngisho nabefundisi. URethabile wodumo lwengoma ethi Umlilo nethi Ntyilo Ntyilo, uthe uyothwasa uma sekufike isikhathi.
"Nami ngiyafisa ukwamukela ubizo. Ngoba ngifuna impilo, ukukhanya nokuthandeka ngoba kule ndima ziyakhala. Abantu bakushaya ngezinto ezithize. Bethi 'lona wacula kangaka.'"
Eqhuba uWinnie uthe ubudlelwano bakhe noRethabile buhle kangangoba baxoxa nanganoma yini. Uyakwazi nokumbuza uRethabile uma ekade enendoda, ukuthi benze imizuliswano emingaki ocansini. "Angifuni axoxe nabanye abantu emgwaqweni ngoba bazomlahlekisa."