ISILOMO somlingisi sithembisa ukuthi uma sesiluleme ngokugcwele, sizobazisa abalandeli baso ukuthi sesinjani njengoba besibangwa nezibi. UThembsie Matu odume ngelikaPetronella okuyindawo ethandwa ngabaningi emdlalweni wethelevishini, iThe Queen, uveza ukuthi ibimuka naye iCovid-19. Lokhu ukuveze nge-video ayiqophe wayinameka emakhasini akhe ezinkundleni zokuxhumana. UThembsie uthe aphelile amasonto amahlanu ebhuqwabhuqwa yiCovid-19 esibhedlela.
"Kudala ngingakhulumi, ngingaxhumani nani ngithanda ukubonga ukuthi ngisaphila inyama ihlangene nomoya. Ngicela ukubonga abasebenzi baseCliton, basebenzile labo bantu kuze kube ngiyaphila namhlanje. ICovid-19 cishe yamuka nami ngilele esibhedlela amasonto amahlanu agcwele besebenza umzimba nomphefumulo wami," kusho uThembsie.
Uveza ukuthi ngaleso sikhathi akukho abesakuzwa emzimbeni konke sekundikindiki engasezwa ngisho izinhlungu. UThembsie uthe bese kunengoma ebisihlala njalo eyihlabelela ukuziduduza nokuzinikeza ithemba ngesikhathi sobunzima. Uthe useluleme njengamanje, uzizwa engcono kakhulu yize enye yezingalo zakhe ingakavumi ukusebenza kahle njengoba ebelokhu ejovwa kuyo uma kufuneka imithambo yegazi.
Ephetha, uthe emuva kwezinsuku ezimbili ephume esibhedlela wathola izindaba ezibuhlungu zokushona komphathi wakhe uShona Ferguson kanti kusenzima ukuthi akhulume ngalezi zindaba. UThembsie uthembisile ukuthi nakanjani uzophinde aqophe enye i-video abazise abalandeli ukuthi usenjani, uzophinde akhulume ngomzuzu owabanzima wokushona kukaShona.