USEZIDELE wacela imikhuleko kubantu ezinkundleni zokuxhumana umculi wakuleli ophumele obala ngezinsongo zokubulawa. ULehlogonolo Shebeshxt Chauke ongumrepha odabuka eLimpopo nokhonzwe kakhulu ngezingoma zakhe okubalwa ethi Malume, ubhale ezinkundleni zokuxhumana etshela abalandeli bakhe ngezinsolo zokubulawa.
"Ngikhulekeleni, bangiqashele abantu ukuthi bazongibulala," kubhala yena ku-Instagram.
Kwenzeka lokhu nje, omunye wabelaphi bendabuko wabonakala ezinkundleni zokuxhumana emxwayisa ngesibonakaliso esincikene nalezi zinsolo.
Kuphinde kwaba nane-video esabalale ezinkundleni zokuxhumana ngempelasonto lapho kuvela amehlo alo mrepha ebomvu klebhu, eqimbile eshayela imoto ebuye aphuze ikani likatshwala. Le video noma kungacaci noma ubeyiqophe ngayo impelasonto kodwa ibimveza elokhu eshayela ejeqeza sakubheka abamlandelayo.
Selokhu kuvele lezi zinsolo, abantu bazwakalisa ukushaqeka ezinkundleni zokuxhumana. Babodwa abaqhamuka namahlebezi angaqinisekisiwe ngezinto ezehlukene.
Izinto zalo mrepha bezibukeka zimhambela kahle njengoba esanda kuqopha nengoma entsha noMaphorisa. Ngaphandle kwakhe uke wabonakala esebenza nanoDr Malinga, nokujabulise abalandeli bomculo wakhe ukumbona ethuthuka.