INTOKAZI yakuleli esizakhele igama emkhakheni wokusakaza nethelevishini, u-Anele Mdoda, ithi kuningi ephezu kwakho emkhakheni wezamabhizinisi okubalwa ne-APP abantu bazoyisebenzisa uma besenkingeni, bephelelwe wuphethroli besendleleni.
Ukusho lokhu engxoxweni abe nayo neSolezwe, izolo lapho eveze khona izinhlobo zamabhizinisi asengene kuwona.
U-Anele (37), uthe ngaphandle kokuba kulo mkhakha wokusakaza nethelevishini, uveze ukuthi yena nabanye basungula i-App, ezokwaziwa ngokuthi iFula ezosiza abashayeli ngokuthi balethelwe uphethroli noma ikuphi lapho bekhona ngokusebenzisa i-APP.
Njengoba amaciko ebhekene nengwadla yokungasebenzi selokhu izwe langena kumvalelandlini, u-Anele ube esenxusa amaciko ukuthi kulesi sikhathi esinzima kakhulu angalinge amoshe imali, njengoba isimo sisibi kodwa angene nakweminye imikhakha njengeyamabhizinisi ukuze enze imali.
Uthe kulungile uma amaciko ehlala emiqashweni, ayeke ukuphilisa okwamaciko ase-United States of America (USA) wona athola imali enkulu kunawase-Afrika.
Yize eseneminyaka engu-19 wangena emsakazweni nasemkhakheni wokwethula izinhlelo zaku thelevishini kodwa uthando lomsakazo nethelevishini lusahamba phambili.
"Ngesikhathi ngifika eNyuvesi yasePitoli ngo-2003, ngafikelwa wuthando lomsakazo, nangempela ngangena kowangaphakathi, manje Ithelevishini iyona ke efike yangimangaza kakhulu njengoba ngenza kahle kakhulu. Ngethule izinhlelo ezinkulu ngaphinde ngaba ngisho nolwami iReal Talk with Anele okuyinto engangingayibhekile,“ kusho u-Anele.
Uthe ukusebenza kanzima yinto emsizile yize umsebenzi ubumningi.
Uthe kumanje usesemaphethelweni ezinhlelo zakhe zokusungula esakhe isiteshi sethelevishini.
“Ngaba nohlelo oluthi Real Talk with Anele, ngaqala nami ngabumba ezami izinhlelo okukhona kulo oluthi Oh baby! Njengoba ngifuna ukungena kulo mkhakha wokusungula izinhlelo, ngifuna zingagcini nje kuleli kuphela kodwa zifinyelele e-Afrika naphesheya kwezilwandle. Ngike ngaphinde ngaya kwaMultichoice njengoba ngifuna ukuqala isiteshi sethelevishini, kodwa banginxusa ukuthi ake ngime kancane njengoba befuna ukungisebenzisa esiteshini iHoney. Isiteshi sami sethelevishini ngesizobheka izinhlelo zobumnandi siyeza.
“Okunye okuzayo ukuthi ngizokhiqiza uhlelo lokuqala ngokubambisana nabanye, okwamanje ngeke ngande ngalo kakhulu. Ngimincile njengoba kukhona engisezingxoxweni ngakho noMTN,” kuchaza yena.