INSIZWA esizakhele udumo ngokuhlekisa ezinkundleni zokuxhumana, uThando Mseleku, yakhe isithabathaba somuzi ongabiza imali engaphezu kukaR1 million eduze kolwandle lwaseMgababa, eThekwini. UThando uthe lo muzi oyisitezi uwakhe ngemali ayithola ngokunsinsithekisa abantu. Uthe inhlosongqangi ngokuvezela umphakathi ngale mpumelelo ukuhlabekisa izimfamona ezihlale zizitshela ukuthi umsebenzi wosomahlaya awunamali. Uthe waqala ngokuthenga udedangendlale wendawo ngoR100 000 ngaphambi kokwakhakha lo muzi.
"Lo muzi unamagumbi amane okulala, awokugezela amabili, ikhishi elilodwa, amagumbi okuphumula amabili, elokudlela elilodwa negaraji elilodwa. Iplani yakhona ngazidwebela mina mathupha."
UThando usanda kuthenga imoto futhi walobola ingoduso yakhe njengoba esakhe umuzi.
Uthe esikoleni waphuma ngesikhathi sekhefu ngenxa yesimo sasekhaya.
"Esikoleni ngasheshe ngabaleka kodwa ngangihlakaniphile. Ngayeka ngingafeyilanga kodwa ngashiya ngenxa yesimo sasekhaya emuva kokushona kukababa, kwase kufundeka kanzima. Umama wayezama yedwa ngakho ngavele ngayeka kwaGrade 10. Ngaya kofunda eTvet College, ngenza izifundo ze-travel and tourism. Nakhona ngayeka emuva kokwenza unyaka wokuqala."
Uthe wabe eseqala ethungatha amatoho kodwa kungalungi, wagcina eseshayela amatekisi aseMgababa nama-Uber.
Eqhuba uThando uthe ukuvalwa kwezwe ngenxa yokubheduka kweCovid-19 ngo-2020 kwawuphazamisa umsebenzi wokushayela i-Uber.
"Ngase ngiqala ukwenza ama-video amahlaya ngawo u-2020. Ngenhlanhla ngakhula ngokushesha kwaze kwafika ezingeni lokuthi ngihole ezinkundleni zokuxhumana. Ngaphinda ngasebenza nemikhiqizo emikhulu, ngiyiphromotha emakhasini ami." Uthe wayibeka leyo mali kwaze kwathi ngoJanuwari walo nyaka wathenga indawo maqede waqala ukwakha ngoFebhuwari.
"Njengoba sengingena endlini manje ngo-Okthoba. Ayikapheli kahle kodwa cishe u90% sewuqediwe."
UThando uthe abantu abaningi bacabanga ukuthi kusuke kusiniswa amahleza uma behlekisa. "Bacabanga ukuthi siyavolontiya uma senza amahlaya ezinkundleni zokuxhumana futhi eNingizimu Afrika ayikawahloniphi ngendlela efanele amaciko asezinkundleni zokuxhumana. Yingakho abanye abafisa ukwenza esikwenzayo betheneka amandla ngoba babona sengathi yinto engenankokhelo. Ngakho thina siveza konke lokhu hhayi ngenhloso yokuchoma kodwa ngenhloso yokukhuthaza," kuphetha uThando.