SIPHIKA “eyokunqunywa“ umlenze isilomo somlingisi wakuleli esisanda kushiya umdlalo iGomora, u-Israel Matseke Zulu.
Lokhu kuyindida kulandela umbiko welinye lamaphephandaba angeSonto eliveze ukthi u-Israel unqunywe umlenze emasontweni amabili edlule.
Lezi zindaba ziphathe kabi abantu abaningi ezinkundleni zokuxhumana, kodwa exoxa neSolezwe uthe imilenze yakhe isaphelele, waphika ukuthi owodwa unqunyiwe ngesikhathi ehlinzwa.
Lo mlingisi usanda kushiya lo mdlalo ngemuva kokuveza izindaba zokuthi unesifo esenza ukuthi umlenze wakhe ungasebenzi.
Lokhu kwaphoqa ukuthi ophrojusa bawo bayinqamule indawo yakhe, ngenxa yokuthi ubengasakwazi ukusebenza.
Kulo mdlalo ushiye ngemuva kokudutshulwa ngenyanga edlule.
Ubesanda kuveza nokuthi ezinsukwini zokugcina uma ezoshutha iGomora bese efika ngesihlalo esinamasondo (wheelchair).
Waveza ukuthi uphethwe isifo esibizwa nge-gangrene esenzeka phakathi kokunye uma ngabe konakala izicubu ((death of tissue)) okudalwa ukungagijimi kahle kwegazi emzimbeni.
Ekhuluma neSolezwe izolo, u-Israel uthe ziyamxaka ukuthi ziphuma kuphi izindaba zokuthi usenqunywe umlenze.
"Iyangidida eyokuthi umlenze angisenawo, ngisabambekile izinyawo zami zibuhlungu kodwa eyokuthi umlenze anginawo cha angiyazi. Ngike ngakhuluma nabezindaba ngoLwesihlanu kodwa angikaze ngikuveze lokhu osekubikiwe manje kokuthi umlenze angisenawo,“ kusho u-Israel.
Uthe okwamanje umatasa ulungiselela ukuthi alulame ukuze abuyele emsebenzini.
“Into engidinga ukuyenza manje ukuthi ngilulame njengoba umsebenzi ungilindile. Angikhathazekile okwamanje ukuthi kungenzeka kube nzima ukuthi ngithole umsebenzi uma ngilulama, ngazi kahle ukuthi uma nje sengiveza ukuthi isimo sami sesingcono umsebenzi uyobe ungilindile emkhakheni wami wokulingisa,” kusho yena.
Iphephandaba iSunday World libike ukuthi umthombo walo uveze ukuthi lo mlingisi uhlinziwe emasontweni amabili adlule esibhedlela esiseSandton.
Leli phepha liveze ukuthi lo mlingisi ukuqinisekisile ukuthi kukhona ukuhlinzwa abe nakho emlenzeni wakhe, futhi usalulama njengoba esizwa amalungu omndeni wakhe.
Ephetha ukuqinisekisile ukuthi usazonyamalala kwithelevishini njengoba odokotela besafuna ukumxilonga kahle lesi sifo, ukuze abuye ngokuphelele emsebenzini.