SISHAYELWE ihlombe isinqumo sowayengumsakazi weMetro FM, uPearl Modiadie, sokubopha iSABC nomphathi wezinhlelo kulesi siteshi ngezinsolo zokuhlukunyezwa ngokocansi emsebenzini.
UPearl wayethula uhlelo lwasemini phakathi nesonto ngokubambisana noThomas Msengana kwaze kwaba wukuthi izinkontileka zabo azivuselelwa ngo-Ephreli.
Ngokombiko weCity Press, uPearl ufuna isinxephezelo sika-R3.5 million kwiSABC nomphathi wezinhlelo zeMetro FM u-Anthony "Tony" Soglo.
UMengameli womfelandawonye wezinyunyana zamaciko iCultural and Creative Industries Federation of South Africa (Ccifsa), uJoy Mbewana, uthe bajabule ngokuthi uPearl waphumela obala ngalokhu futhi uthatha izinyathelo.
"Ukuhlukumeza kudla lubi kulo mkhakha wethu wezobuciko nokungcebeleka. Siyameseka kakhulu siyazi ukuthi akulula ukukhuluma. Uma ungabuza bonke abantu besifazane akekho ongadlulanga kule nto kodwa basaba ukukhuluma ngoba bezolahlekelwa umsebenzi noma kuthiwe yingoba bafuna ukubukwa. Ngokuthi kukhona abakhulumayo njengaye uPearl siyathemba ukuthi kuzogqugquzela nabanye ukuthi bakhulume bengasabi ukuthi kuzothiwa yingoba bafuna imali ngoba kusala isilonda esingalapheki enhliziyweni uma uhlukumezekile," kusho Joy.
Ngokombiko uPearl ufake amaphepha eNkantolo eNkulu yaseGoli ngenyanga edlule.
Okhulumela iSABC uGugu Ntuli ukuqinisekisile ukuthi bawatholile emaphepha futhi bazimisele ngokuwaphikisa.
Ngokomqulo osenkantolo ngomhla ka-28 Novemba 2019 uTony wabhala i-email eyayiveza sengathi uPearl uyinto yocansi.
"Yo... ngoba sesilaphi... nami ngicela ukubuzwa lowo mbuzo? LOL! Umdinga nini uPearl futhi isikhathi esingakanani. Hamba Tumza... umshushumbisi wabesifazane wonyaka! Hahahaha... ngiyaxolisa bafowethu... Bekuhlekisa kakhulu!"
Lokhu kuthiwa kwakuza emuva kwe-email lapho uPearl ayebuza khona ngezinhlelo zomcimbi ayeqashwe kuwo.
UPearl emaphepheni uthi inkulumo kaTony ithunaza isithunzi sakhe futhi imveza njengomuntu odayisa ngomzimba esebenzisa uTumza.
Uthe wayekubhala lokhu kwi-email yasemsebenzini futhi wayengakufuni. Uthe iSABC yahluleka ukumvikela eseludlulisele kubaphathi udaba.
Amaphepha athi yize uTony axolisa kodwa udaba aluthathelwanga phezulu.
UJoy uthe banezinhlelo ezibhekela amaciko ahlukumezekile ezibizwa ngeBaqh'Abafazi.
"Kukhona nolunye iSilapha lokululeka ngokwengqondo, ngokomthetho nokufundisa ngendlela yokuziphatha. Amaciko kumele asondele. Kuningi ukuhlukumezeka okuvela kwabesifazane nabesilisa. UPearl siyameseka."