SANELE NDLOVU
Ukushonelwa yizingane kuze kube kabili, kwenze umethuli wezinhlelo kwithelevishini, asungule inkundla lapho abesifazane bezothulula khona ubuhlungu obabuzwa ngokulahlekelwa yingane.
UNtombi Ngcobo-Mzolo, owethula uhlelo kuMoja Love iKunutu, uthi inhloso yokusungula inkundla ayibiza ngeMothers of Angels, ukuthi kwelapheke abesifazane abasesimweni esifana nalesi, adlula kuso.
Le ntokazi eyindodakazi kaHhash Elimhlophe, yashonelwa yingane isanda kuzalwa. Kwaphinda futhi kwashona enye isineminyaka emithathu, engozini yemoto.
“Ngo-2015 ngalahlekelwa indodana yami eyayinezinsuku eziwu-28 emuva kokuhlinzwa ngenxa yesifo senhliziyo esingajwayelekile, esasimphethe esibizwa ngeHypoplastic left heart Syndrome. Ngo-2021 ngaphinda ngalahlekelwa yindodakazi yami eyayineminyaka emithathu, engozini yemoto,” kuchaza uNksz Ngcobo-Mzolo.
Le nkundla izobe ingempelasonto yangoFebhuwari 25 kuya ku-27 endaweni ezokwaziwa ngabesifazane abathintekayo kuphela. Inhloso yesigcawu, uthi ukwelapha abesifazane abadlule kulesi simo.
Eqhuba elandisa ngesimo, uNtombi uthi kwamuhlukumeza emoyeni ukushonelwa kodwa wangalilahla ithemba empilweni. Uthi lo mqondo wamfikela esasesibhedlela emuva kokushona kwendodana yakhe ehlanganyela nabanye bomama beduduzana. Uthi kwamenza wabona ukuthi akukho lapho abangakhalela khona noma abangathola khona usizo ngaphandle kokuthi bahlanganyele bona bebodwa.
“Kulula ukukhuluma nomuntu osaziyo isimo sakho noma obaziyo ubuhlungu odlule kubona, akufani nokukhuluma nomuntu ongazi. Angisho ukuthi ngibabukela phansi odokotela noma abelaphi bengqondo kodwa kuyenzeka ukhulume nabo bese uthola ukuthi abakwazi ukuzwelana nawe ngoba abasazi isimo sakho nobuhlungu obhekene nabo,” kuchaza umethuli wezinhlelo.
UNtombi uthi ubebhala ezinkundleni zokuxhumana ngobuhlungu bakhe abantu baphendule bathi bathola ukwelapheka ezintweni azibhalayo, kwaba ukuthi usiqala kanjalo isigcawu sakhe.
“Ngithe uma ngibona ukuthi abantu bayalapheka, ngase ngiqala ukuhlanganyela nabanye omama eGoli. Kube sekuba khona abanye bomama abakhalazayo bebuza ukuthi kanti ngiza nini eThekwini. Ngibe sengithatha isinqumo sokuthi kulo nyaka ngizoqala eThekwini,” kuqhuba yena.
Abazohambela umbuthano bazothola ithuba lokutotoswa, ukucwalwa baphinde bathole nethuba lokwelulekwa ngokwengqondo nangokomphefumulo ngongoti bezempilo abazobe bemenyiwe. Uthi uyafisa ukuthi isigcawu sikhule futhi sithole abaxhasi okuzokwenza ukuthi sibe khona minyaka yonke.
UNtombi uthe ubonga kakhulu umndeni wakhe ngokumeseka ezikhathini ezinzima ikakhulu umnyeni wakhe.
Mayelana nomsebenzi wakhe, uthe usazobonakala kwithelevishini njengoba besanda kuqopha isizini yesibili yeKunutu kanti kungase kwenzeke kube khona nesizini yesithathu.
“Ngizizwa sengathi ngibizelwe kule nto yokusiza abantu ngoba nalo msebenzi engiwenzayo kwiKunutu umayelana nokuxhumanisa abantu ukuze basizakale,” kusho uNtombi.
Uphethe ngokuthi uyafisa ukubuyela emsakazweni ngoba abantu uyabathanda. Isifiso sakhe ukuthi athathe umsebenzi wakhe uhambisane nesiphiwo sakhe, kube yikhona asiza ngakho abantu.