ISIHLABANI somculo we-Afro soul, uBulelwa "Zahara" Mkutukwana, sibuyela eNkantolo iPalm Ridge Specialised Commercial Crimes Court, eGoli ngoJuni 25 ngenxa yokuhluleka ukuletha imininingwane yokukhokhela intela kwaso kwaSA Revenue Service (Sars).
UZahara wodumo lwengoma ethi Loliwe, usanda kulahlwa yicala lokungalubhadi enkantolo ngenyanga edlule. Ugwetshwe izinyanga ezintathu egqunywe ejele noma akhokhe inhlawulo kaR1 500.
Okhulumela uPhiko lwezokuShushisa kuzwelonke (NPA), uPhindi Mjonondwane, uthe uZahara ubezinikele emaphoyiseni ngoMsombuluko emuva kokuba inkantolo ikhiphe incwadi egunyaza ukuba aboshwe ngoba akalubhadanga enkantolo ngo-Ephreli 19 ukuzothamela icala lokungayikhokhi intela.
UMjonondwane udalule ukuthi u-Advocate Nerissa Reddy wophiko olubhekene namacala entela eGoli uthe lo mculi uvele wabhibhidla ngesikhathi ezama ukuchaza ukuthi kungani engafikanga enkantolo. Uthe wafika kanye ngoba nakhona esethungathiwe, eseze watholwa ukuthi uhlalaphi. UMjonondwane uthe uMbuso ngeke utotose uZahara ngenxa yokuthi udumile kodwa ubulungiswa kufanele bufane kuwo wonke umuntu ngoba wonke umuntu uyalingana emehlweni omthetho.
Ededelwa uZahara udonswe ngendlebe ukuba angaphinde aphuthe enkantolo futhi wanxuswa ukuba anikezele i-passport yakhe kungakapheli amahora awu-24 kusukela ngoMsombuluko odlule futhi alokhu evela esiteshini samaphoyisa eRoodepoort njalo ngoLwesibili nangoLwesine phakathi kuka-8 ekuseni no-6 ntambama ezosayina.
Imizamo yokuzwa ukuphawula kukaZahara kayiphumelelanga ngenxa yokuthi bekungaxhumaneki naye.