UMCULI we-Afro house, uNomcebo Zikode, usengene ebhizinisini leziqholo njengoba esenama-perfume akhe. Ekhuluma neSolezwe NgoMgqibelo ephesheya kwezilwandle kwiJerusalema Tour, uNomcebo uthe iziqholo zakhe zibizwa ngokuthi iDuchess futhi zizoqala ukutholakala ezitolo zakwaJet ngenyanga ezayo.
"Le mpumelelo isho lukhulu kimi ngoba bekulokhu kuyiphupho lami ukuzama ukungena emabhizinisini angahlangene nomculo, ikakhulukazi ibhizinisi elingento engiyikhonzile.
Bengilokhu ngiwumuntu owathandayo ama-perfume namakha amnandi. Nginaleyo nkolelo yokuthi uma unuka kahle, uzizwa kahle. Ngiyakholelwa ekutheni ukubukeka kwakho nokunuka kwakho kuveza uhlobo lomuntu onguye emphakathini."
Eqhuba uNomcebo uthe ukusebenzisana nesitolo esinjengoJet kufana nesibusiso esimehlele engasilindele.
Ebuzwa ngokuthi lesi sivumelwano sakhe noJet senzeke kanjani, uNomcebo uthe ithimba lakhe yilo elaxhumana nabakwaJet kanti zonke izinhlangothi zizokulangazelela ukusebenzisana.
Amakha kaNomcebo azokwethulwa ngokusemthethweni ngesonto langomhla ka-4 kuya ku-7.
Kwenzeka lokhu nje izinto zimhambela kahle uNomcebo emculweni njengoba engasaconsi phansi emhlabeni wonke jikelele ngenxa yenoni lengoma abaliqamba noMaster KG elisihloko sithi Jerusalema. Ngenyanga eyedlule ufake i-video ku-Instagram ehlonishwa ngoKhomishana beCity of Miami, uJeffrey Watson noJoe Carollo emcimbini obusakazwa bukhoma yisiteshi sethelevishini esisakaza ngolimi lweSpanish, i-América TeVé. Akagcinanga lapho, lo mculi wodumo lwengoma ethi Xola Moya nethi Bayabuza, ngoba ubuye ubuye waqopha umlando egcwalisa phama abantu abangu-7 000 kwi-One Fete – Miami Carnival 2021. Kuhlanye abantu ngesikhathi behlangana naye eSwitzerland. Okwamanje usazungeza umhlaba ngochungechunge lwamakhonsathi akhe.