AKUKAKAPHELI ngisho isikhathi esingakanani uNgizwe Mchunu ededelwe ngebheyili nemibandela eqinile ngokuhlanganisa abantu kodwa usememezele ukuthi uzokhuluma nesizwe. UNgizwe kulindeleke ukuthi ethule inkulumo yakhe ayibhekise kubantu baseNingizimu Afrika ngo-6 kusihlwa namhlanje. Lokhu ukuveze ekhasini lakhe iNgizwe Online lapho ememezela khona njalo uma ezokwethula inkulumo nangezinye izinhlelo zakhe. Ededelwa ngebheyili ngoJulayi, eRandburg wayalelwa ukuthi angahlanganisi izinkumbi zabantu nokwenza waphuma wakhuluma nabezindaba kuphela. Kodwa ukumemezela ngale nkulumo kwenza abantu bahlukane phakathi ngemibono.
Kuzokhumbuleka ukuthi uNgizwe ngaphambi kokuthi aboshwe ayobhaca waveza ukuthi usephila ngokubhaca ebalekela amaphoyisa kulandela ukuthi enza isimemezelo esifanayo waze wayofika eGoli lapho ethula khona inkulumo yakhe. Okumangazayo ukuthi kamuva nje uNgizwe usezibiza ngomengameli nokungenye yezinto ezichaza abalandeli bakhe.
Abantu ezinkundleni zokuxhumana bathi sebeyibheke ngabomvu inkulumo kaNgizwe futhi bayazi ukuthi ngeke abaphoxe uzokhuluma lokhu okuzobajabulisa. Babodwa abaveza ukuthi banovalo ngale nkulumo ngoba usanda kudedelwa ejele kulandela ukuboshwa ngokukhuluma akhululeke. Babodwa abathi akayekwe ukuze aphindele ejele ngoba ukhombisa ukuba budedengu ngokukhuluma nabantu ekubeni wadonswa ngendlebe ngalezi zinkulumo zakhe. Itemu lodumo elithi Azikhale alisalanga ngaphandle esikhangisweni asinameke ekhasini lakhe.