AKATHI vu ngokungena nokuchithwa kwakhe kwipolitiki usaziwayo wakuleli obuye abe yintatheli uKuli Roberts, ngesonto eledlule iqembu i-African Transformation Movement (ATM), eliveze ukuthi useyingxenye yalo, liphinde lamemezela ukuchithwa kwakhe.
UMzwanele Manyi uyena owamemezela izindaba zokuthi uKuli useyingxenye yaleli qembu, futhi ungenele esokuba ikhansela kumasipala waseTshwane. Kuphinde kwasabalala uqwembe lokukhankasela ukhetho lunesithombe sakhe, kodwa imizamo yaleli phephandaba yokuthola ukuphawula kwakhe mayelana nokungenela ukhetho ngolwedlule ayizange iphumelele.
Leli qembu lishaye ungqimphothwe njengoba liveze izindaba zokuthi uKuli akaseyona ingxenye yalo.
Esitatimendeni abasikhiphile, baveze ukuthi ngenxa yezizathu abangeke bazidalule neziyimfihlo uKuli ngeke esaba yingxenye yabo.
“Ngeke esaba ilungu lethu ngeke futhi esaba ikhansela ngaphansi komunye womasipala bethu eqenjini i-African Transformation Movement. Ngalezi zizathu esizibeke ngenhla, uNksz Nomakula Roberts, kumele ehle kuzona zombili izikhundla ebesezitholile eqenjini,” kusho isitatimende.
Bathe bamfisela konke okuhle njengeqembu, kukho konke akwenzayo.
Isolezwe lizame kusukela ngesonto eledlule ukuxhumana noKuli mayelana nalolu daba.
Ekhuluma neSolezwe kafushane akafunanga ukugxila odabeni lokungena kwakhe kwezepolitiki, kodwa wabuza ngentatheli yeSolezwe ngoMgqibelo, eyabhala udaba lokuthi uzijabulisa ngamathoyizi ocansi. Wabe esethembisa ukubuyela entathelini.
Isolezwe limzamile futhi ukuxhumana naye izolo emuva kokuvela kwezindaba zokuthi akaseyona ingxenye yaleli qembu kodwa ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa.