LIDLULISELWA kwisizukulwane igama lenjinga yaseThekwini ehlala ivela nasezinkundleni zokuxhumana nabazukulu bayo abahlukene. Umdlali webhola u-Andile Mpisane nonkosikazi wakhe uTamia baveze ukuthi njengoba ebekhulelwe ulamanise ngendodakazi abayethe ngelikaMessiah Shauwn Junior Mpisane.
"Igama likaShauwn liwuphawu lokuma uqine, uphokophelele phambili, ngaleli gama sihlonipha amandla anawo nakwisizukulwane emndenini wethu," kusho uTamia ekhasini lakhe lakwi-Instagram.
UShauwn yize edume ngokuba usomabhizinisi nokuba matasa kodwa uhlala eshayelwa ihlombe ezinkundleni zokuxhumana ngokukhipha umndeni wakhe nokuzinikeza isikhathi sabazulu. UTamia yize engazange abanikeze abantu ithuba lokuphawula ekhasini lakhe kodwa uzwakalise intokozo echichima enhliziyweni yakhe njengoba elamanisile. Uthe Messiah uyisikhumbuzo sezimangaliso empilweni yabo futhi konke kuyisibusiso esivela kuNkulunkulu.
"Igama likaMessiah linencazelo ejulile ehambisana nethemba namaphupho esinawo ngendodakazi yethu, " kusho uTamia.
Ubeseloba nomyalezo omnandi abawubhekise kwindodakazi yabo. " Ndodakazi engathi ungaluthakasela uthando nokwesekwa onakho, ukhule ubenamandla angathikanyezwa lutho. Ukuqonde ukuthi udalelwe izinto ezinkulu futhi akukho lapho ongeke wafinyelela khona. Kukhona konke, ukhule uphephile, uvikelekile futhi ulondolozwe umusa kaNkulunkulu," kusho uTamia.
Abantu bawuthathe lombhalo bawufaka nasemakhasini ahlukene bebafisela konke okuhle laba bashadikazi.