UFUNA ukumangaza abaningi ngakubo umlingisi omusha okulindeleke ukuthi aqale kuleli sonto ukubonakala entandokazini yomdlalo wethelevishini wansuku zonke. U-Angela Atlang (26), odabuka eBotswana, noneziqu zobuciko azethweswa ngakubo yi-University of Botswana, uzolingisa indawo ka-Itseng Motsamai kuMuvhango. Le ntokazi izoqhamuka njengodadewabo wenkakha yomlingisi, uJames Motsamai, okuyindawo elingiswa nguDingaan Mokebe. Ukuthola le ndawo u-Angela ukwenze kwaba yimfihlo yakhe kuphela njengoba eveza ukuthi ufuna eBotswana bathuke sebembona ethushuka kwithelevishini.
U-Angela uthe noma enakho konke okudingeka kumlingisi kodwa unovalo lokusebenza nezinkakha zabalingisi abaningi kulo mdlalo. Uveza ukuthi laba balingisi yize bemamukele ngezandla ezifudumele kodwa ukwazi amava abo kumshayisa ngovalo.
"Kuyangijabulisa ukusebenza nabalingisi abanekhono elimangazayo nabanomusa ngalolu hlobo. Uthando engiluthola kubo luyamangaza, lungaphezulu kwebengikulindele," kusho u-Angela.
Eqhuba u-Angela, uthe uyazi ukuthi inselelo inkulu kakhulu kodwa ukholelwa ekutheni ukusebenza ngokubambisana nozakwabo yikhona okuzomkhulisa kulo mdlalo. Ukuthola le indawo ka-Itseng uthe kusho lukhulu kuye futhi ukholelwa ekutheni nolwazi alucoshele enyuvesi nacijwa ngalo kulo mdlalo lizothuthukisa isipiliyoni sakhe kwezokulingisa.
Noma abalo mdlalo bengathandanga ukugeqa amagula ngendawo ka-Itseng kodwa bakubeke kwacaca ukuthi uzophonsela inselelo indawo kaJames. U-Itseng uzovumbuka ngisho ezindaweni zobumnandi njenge-stripper nokuyinto ezomshiya enkemile uJames.
Lo mlingisi uthi uyayithanda into engajwayelekile nezomshiya nesifundo ngendawo ayilingisayo nokuyinto ayithakaselayo kulo mdlalo. Yize esaqhubeka nokuqopha ezinye iziqephu kodwa unethemba lokuthi uzokwamukela nokugxekwa ngendlela eyakhayo kwababukeli balo mdlalo. "Ngikholwa ukuthi indlela engisebenza ngayo izongakhela ugazi kubabukeli, bangibone ngikhula njalo," kusho u-Angela.
Ephetha, uthe kade elulindile usuku lokuvela kwakhe okokuqala ngqa kulo mdlalo nokuzomangaza abantu abaningi ngakubo ngoba ukwenze kwaba yimfihlo. Uphrojusa walo mdlalo, uHerbert Hadebe, uthe u-Angela selokhu eqalile ukuqopha kulo mdlalo ukhombisa ukukhula. UHadebe uthe lo mdlalo uzimisele ngokuqhubeka uvundulule amakhono ahlukene kuzona zonke izindawo.