UMSAKAZI obuye alingise kwiMbewu, uSbusiso "Sbari Wosuku" Ntuli, ubhonywe ngumshayeli wetekisi noscabha waze wacishe waphuma iso.
USbari Wosuku, ongumculi wekwaito wodumo lwengoma ethi Mayenotha, uthi wehlelwe yilo mshophi esetekisini abeyigibele ngoLwesine ntambama.
Uthe abasolwa bamshaye ngenxa yokuthi usuke wakhokha ngoR200 ohlangene esikhundleni sikaR30 ngoba bebebabili.
"Baze badlula nami esitobhini, bangilaxaza kwesinye isitobhi. Kumanje ngiyafa yizinhlungu, ngiyehla ngiyenyuka kodokotela. Ngihlukumezekile nasemoyeni." USbari Wosuku uthe ubephuma emsebenzini elibangise lapho eqashe khona ngezithuba zabo-6 ntambama.
"Bekumele ngehle esitobhini eMcebo bese ngiya emqashweni, bona badlula nathi ngoba bethi siyabedelela, akekho umuntu ongakhokha ngemali ehlangene ekubeni ephuma edolobheni. Kuhluleke ngisho ngibatshela ukuthi ngiphuma edolobheni kodwa angingenanga ezitolo ngoba kade ngimatasatasa ehhovisi lami. Ngibe sengiyophuthuma kwi-ATM ukukhipha imali kodwa kwaphuma oR200 bodwa ngoba bengifuna uR1000." Uthe yingakho egcine esekhokha ngoR200, wathi babili kuwona.
"Base besilwisa baze badlula nathi esitobhini, bama kwesilandelayo kwaSeme, kwaphuma umshayeli kuqala weza esicabheni okuphuma kuso abagibeli. Babe sebesishaya bathi siyabachomela, babukisa ngathi. Basishaye kabuhlungu ngalahlekelwa yizinto zami ezibalulekile, okuyisikhwama semali esinamakhadi nemali ewuR1 000. Kwalahleka neselula yenkampani yami futhi badabula nejakhethi," kusho uSbari Wosuku owenza uhlelo lwasekuseni kwiNongoma 88.3 FM nolwantambama ngemiGqibelo kwiRise FM yaseMtubatuba.
Ubekhala ngobuhlungu ekhanda nasemhlathini, ethi kuyafutha futhi akudleki. Nasemakhaleni ethi usafinya igazi.
"Ngidinga ngisho ukwalulekwa nangokomqondo ngoba kubukisiwe ngami emphakathini. Ngiyafisa amaphoyisa enze umsebenzi wawo," kuphetha uSbari Wosuku waseShowe, futhi onenkampani Ingqwele Projects.
Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, usiqinisekisile lesi sigameko.
"Singakuqinisekisa ukuthi icala lokushaya ngenhloso yokulimaza livulwe esiteshini samaphoyisa KwaNongoma ngenhloso yokuba luphenywe.
Kunezinsolo zokuthi ngo-Agasti 10, 2021 ngezithuba zabo 6.30 ebusuku, ummangali wayesedolobheni KwaNongoma eyokhipha imali. Wabe esedlulela erenki ukuyogibela itekisi eya endaweni yaseMncebo. Wabe esekhokha ngoR200 ohlangene maqede wacela umshayeli ukuba ame. Umshayeli nomsizi wakhe babe sebeqala bemshaya. Ulimale kabi odebeni nasebusweni. Udaba lusaphenywa," kuphetha uCapt Gwala.