OBESHADE noSomizi Mhlongo uMohale Motaung uveza ukuthi bekungeyona inhloso yakhe ukudalula amahlazo ngomshado wabo kodwa nakanjani uyamshiya lo saziwayo. UMohale usho kanje kwisitatimende asishicilele kulandela ukuthi noSomizi naye ekhiphe isitatimende ngoLwesihlanu mayelana nezinkinga zomshado wabo. UMohale ukuqinisekisile ukuthi useyahlukanisa noSomizi kodwa wathi ubengafisi kuvele ngendlela okusabalale ngayo ezinkundleni zokuxhumana.
Kuzokhumbuleka ukuthi laba bashadikazi muva nje kuvele ukuthi sebeyinkukhu nempaka kulandela ukuthi uMohale ezwakale kwenye yezinkulumo eziqoshiwe echaza ngosizi abhekene nalo emshadweni ehlukunyezwa zindlela zonke. UMohale uthe wayevulela isifuba umuntu ebemethemba futhi efuna akuqonde ukuthi akafisi izinkinga zomshado wakhe zibe yingxenye yohlelo iLiving The Dream With Somizi. Ukubikela lomuntu uMohale uthe wakubona kulula ukuze aqonde isimo abhekene naso ngoba ubudlelwane babo bese bungaphezulu kokuthi bahlanganiswe umsebenzi ubesefana nomuntu angamethemba.
" Ngangimethemba umuntu engangixoxa naye angenzenga ngoba ngifuna ukuzuza okuthile. Kulezi zingxoxo ngangibeka isizathu sokuthi angithandi kuvele okuphathelene nesahlukaniso kwisizini entsha. Ngangazi ukuthi ngeke kuvezwe konke ngendlela eneqiniso nokuthi bengingafuni ukusetshenziswa ukuze kwenziwe imali,"kusho uMohale.
Mayelana nezinsolo zokuthi ubeyisisulu sodlame nokuhlukumezeka emshadweni akazange agudluke kukho futhi uyakuqinisekisa nakuso lesi sitatimende. Yize kunjalo kodwa ukubeke kwacaca ukuthi okwamanje uzogcina ngalesi sitatimende ngeke aphawule okudlula le mniningwane aseyishicilele phansi. Abantu ezinkundleni zokuxhumana abaneme selokhu kuvele lezi zinsolo ngoSomizi kanti izinhlaka zamabhizinisi ezahlukene ebezibambisene naye okubalwa nama Idols zisamile.