INENGE abaningi ivideo yomculi waseThekwini, uBabes Wodumo lapho ethuka khona unina kaMampintsha eshiya angalazi, aze ambize ngegama elichaza owesifazane ongaziphethe kahle.
Yize izolo ekhiphe isitatimende ethi ubengaqondile ukwethuka uninazala, ubekhangisa uhlelo lwakhe lwethelevishini, Uthando Lodumo, kodwa kuvela ukuthi umndeni walapho osekushadele khona unina kaMampintsha, uNkk Zama Gumede, usuthathe isinqumo sokumfaka enkantolo ngalesi senzo sakhe.
Ngokomthombo osondelene nonina kaMampintsha, lo mndeni awuyingeni eyokuxolisa kwakhe, uthi usemhlaze kakhulu ephindelela.
Ethintwa udadewabo kaMampintsha, uPinky Gumede, uvele wezwa ukuthi ukhuluma nentatheli waluvala ucingo. UBabes ukhiphe isitatimende exolisa ngenkulumo yakhe ebihlambalaza uninazala.
Uthe bekuyisiqeshana esizovela ohlelweni lwakhe lwethelevishini, Uthando Lodumo futhi simayelana ngengane yakhe uSponge Wodumo. Uthe ukuphuza kokuphuma kwe-albhamu yakhe ethi Crown, kwenze bathi abasuse ukukhuluma ngokubazwisa amazwibela odaba ngoSponge Wodumo.
"Ngiyaxolisa kakhulu kwengibaphethe kabi. Ngenxa yolimi oluqinile, ngiphoqelekile ukuba amazwibela ngiwafake ngalesi sikhathi ukuvikela abalandeli bami abancane," kuphetha isitatimende sikaBabes. Oyimenenja yaseWest Ink Records, uSbu Ncube ucashunwe ethi inhloso yevideo bekungukukhangisa nge-albhamu kaBabes, wathi lokhu kusebenzile ngoba njengamanje abantu bakuleli bakhuluma ngoBabes kuzona zonke izinkundla zokuxhumana.