UMCULI wase-Eastern Cape, uMlindelwa "ManB" Tyekana, usesongele umsakazi weMetro FM, uSomizi Mhlongo ngokuthi lapho abohlangana khona ngeke kumile tshani.
UManB, obuye aziwe ngeSilo SamaKhosi uthe ubegubha usuku lwakhe lokuzalwa e-Absa Stadium, e-East London, ngempelasonto. Uthe uphoxekile ngesenzo sikaSomizi sokuthi athi emqashe emcimbini wakhe bese yena ekhangisa ngomunye osedolobheni.
Uthe uyifuna kabi imali amkhokhele yona futhi useyazisola ngokuthi akamshayanga ngani ngoba ngabe kukhulunywa into ezwakalayo. Uthe uma kwenzeka uSomizi ehlangana naye akobaleka athi galo yephuka ngoba uyomgxoba futhi amsakaze ngempama.
"Kuyofanele uma sihlangana noma koSandton, abalekele noma e-restaurant athenge namanzi ngoba ngiyomgxoba...
"Uma ubona le nto okuthiwa wuSomizi, oyitshela ukuthi uma sihlangana naye emgwaqweni, akojika angene noma engadini emzini, akhe noma imfino. Uma sihlangana noma kwaShoprite, makaye lapho kudayisa khona ama-fruit, athenge noma ulamula. Azulise nje, uzophinde ayilahle. Singahlangani endleleni. Le mali angikayidubi. Ngiyayifuna. Ngiyazi uhhafu usewudlile, ngifuna ushintshi osele. Somizi singahlangani endleleni," kusonga umculi.
USomizi uthi akuhlukene nokuthi uManB uthela amanzi emhlane wedada ngoba ngeke aze ayithole imali yakhe. Uthe ubeqala ukuyosebenza emcimbini oyinhlakanhlaka njengokaManB.
Uthe ukungahleleki komcimbi kaManB kwaqala ngokuthi kushintshe izikhathi okwakuthiwe umcimbi uqala ngazo, okwamphoqa ukuba agcine esehoxa komunye umcimbi ayezosebenza kuwo eGoli. Uthe ngisho esefikile esikhumulweni sezindiza, kwathiwa akalinde imoto ezomlanda imizuzu engu-25, waze waziqashela iBolt eyamhambisa ehhotela. Nasendaweni ayezolala kuyo uthe wafica ingakhokhelwe, wayikhokhela yena.
Uvumile ukuthi kunomunye umcimbi ayeqashwe kuwo e-Eastern Cape. Uthe abagqugquzeli balowo mcimbi abamyisa emcimbini kaManB nabaze bengeza nabaqaphi ethimbeni lakhe lababemqashile.
UManB uthe uSomizi usenga ezimithiyo ngoba uyena owathi efika esikhumulweni sezindiza watshela abantu ukuthi usehlile, ngakho abahlangane komunye umcimbi, hhayi kowakhe. Uthe uSomizi wabuye wafika emcimbini wakhe wethula esteji uDJ Tira maqede wahamba, wathi yingakho evele walihoxisa ibhanoyi abemqashele lona ukuba limbuyisele eGoli. USomizi uthe wakwenza lokho ngoba wayesecasukile.
Uthe wenqaba ngisho sebethi akayohlala etendeni. Okunye akuvezile ukuthi isiteji sasingangetafula, okwakungabeka impilo yakhe namanye amaciko engcupheni. Uthe akayedwa okhalazayo kodwa iningi labebeqashiwe kaleneme ngempatho kaManB nethimba abebambisene nalo. UManB uthe umcimbi wakhe uhambe kahle kakhulu ngaphandle kokuhlushwa wuSomizi.