UMCULI uSanelisiwe "Moonchild Sanelly" Twisha, uphumele obala ngokuba namadoda amabili azitika nawo ngocansi kuphela uma ezwa ukuthi uyaludinga. Ekhuluma neSolezwe NgoMgqibelo, uMoonchild Sanelly, uthe wathatha isinqumo sokuba namadoda amabili ngoba ubehlale ephoxeka uma elangazelele ucansi kodwa avele angafiki umuntu athandana naye.
Ukhuluma kanjena nje uMoonchild Sanelly usanda kukhipha umucu osihloko sithi Soyenza. Uthe ngale ngoma ukhuluma ngobumnandi bocansi oya kulo nomuntu ongathandani naye i-One Night Stand. Eqhuba uthe okumenze wenza le ngoma ukuthi lolu cansi luyenzeka, ikakhulukazi ngezinsuku zikaDisemba kodwa abantu besifazane bayazinyeza ngalo. "Ngithi abantu besifazane abangabodwana abangazenyezi nge-One Night Stand ngoba iyenziwa. Yingakho ziningi izingane ezingabazi oyise, yingoba onina balala nabantu abangabazi.“
Uthe uyabagqugquzela abesifazane abangashadile ukuba babe nabo abesilisa abangathandani nabo kodwa abahlanganiswe wucansi kuphela. "Mina ngiyazifela ngocansi olumnandi. Ngakho ngidinga abantu abasuke benekhono embhedeni. Ngifuna uma ngiyibiza leyo ndoda, ngazi ukuthi izongigculisa." Uthe lamadoda ayazana futhi ayazi ukuthi akathandani nawo kodwa bahlanganiswe ucansi kuphela.
"Uma kwenzeka ngithi ngiyawabiza agcine eseza wonke. Ngiyaphoqeleka ukuba ngiyibuyisele emuva enye kodwa ngisale nemnandi kakhulu. Ayikho eba nesikhwele ngoba ayazi ukuthi asithandani kodwa siyalalana"
Uthe yena kuyamsiza lokhu ngoba ucansi ulwenza ngesikhathi aludinga ngalo futhi akunamuntu omshayela umthetho ngomzimba wakhe. "Uma ngiqeda ukusebenza kanzima ngibiza enye yalawo madoda esigculisana nawo ngocansi bese sizithokozisa. Uma uzothi ungashadile ube ulibala ukulala nomuntu oyedwa, izokubulala indlala yocansi." Uthe okwamenza wathatha lesi sinqumo ukuthi umjolo uyaphoxana. "Uzothola ukuthi uphoxwa nawumuntu obhacazayo ocansini. Ongakwazi nokwenelisa. Umzimba wakho lo. Yenza okufunayo ngawo. Kwazi ukuwulawula ngendlela ofuna ngayo." Uthe alusekho uthando lweqiniso kulezi zinsuku. "Mina ayisangibulali nje indlala. Ngiyazi ukuthi uma ngihalela ucansi ngizoluthola nini futhi kubani."
UMoonchild wake wadalula ukuthi uhlela ukuba nendawo yobumnandi lapho abantu bezohamba benqunu futhi bazitike ngocansi uma bevumelana. Uthe namanje akakayiqali le ndawo kodwa usayenza imicimbi lapho abantu betheleka khona benqunu noma begqoke izingubo zangaphansi ezihehayo.
"Inkinga ukuthi lamakilabhu asahanjelwa izaguga zabelungu kuphela. Abantu abamnyama abasebasha abakawajwayeli. Ngiyafisa ukugcina nginayo ngoba abantu bayahlupha ngokungithumelela imiyalezo befuna ukwazi ngabanzi ngale kilabhu yabantu ababhushuzelayo," kuphetha uMoonchild.