UMCULI kamaskandi uMbuzeni Mkhize, kuthiwa uziqhathe nengoduso yakhe ebonakala ezithombeni egone Uglama kaMaskandi.
Isolezwe ngeSonto lithole ngomthombo walo ukuthi ingoduso kaMbuzeni isifuna nokumshiya ngoba icasulwa wukuthi ubonakala ezinkundleni zokuxhumana egonene nalo mculi onguzakwabo.
Ethintwa uMbuzeni uthe abantu bayathanda ukukhuluma njengoba kuyibona abakhuluma leyo nto ezinkundleni zokuxhumana.
“Mina kanginankinga nengoduso yami futhi konke kusahamba kahle phakathi kwami nayo. Akwenzeki lutho futhi phakathi kwami noGlama kaMaskandi. Sasijabule emva kokuqopha ingoma yakhe entsha angipike kuyona ethi: Bayesaba saze sahagana,” kusho uMbuzeni.
Unqabile ukuthi kukhulunywe nengoduso yakhe, wangafuna nokukhipha izinamba zayo. Uthe akafuni ifakwe ezindabeni zakhe zomculo.
Kuthintwa uGlama kaMaskandi, uthe akukho lutho olwenzekayo phakathi kwakhe noMbuzeni kodwa isithombe basishutha bese-studio beqeda ukuqopha.
“Sasijabulela ukuqeda ingoma engimpike kuyona futhi akakaze asho lutho kimina ngaphandle kokukhuluma ngomculo. Uma kungukuthi kukhona inkulumo ekhona seningabuza yena uMbuzeni ngoma mina ngazi ukuthi sihlanganiswe wumculo kuphela,” kusho uGlama kaMaskandi.
Leli phephandaba lifune ukucaciseleka ngohambo lukaMbuzeni lokuya eMelika. Uke waba sematheni kule minyaka edlule ngokuthi uzoya koqopha ingoma noRihanna.
Uthe akakayi namanje ngenxa yokuphazanyiswa yiCovid-19.
“Inkampani yami ibisazama ukuthi iphinde ihlele uhambo lokuya eMelika ukuze ngiqopha leli culo noRihanna. Okwamanje bekusahlelwa ukuthi ngiye khona ngo-Agasti kulo nyaka kodwa ayikakabi khona into ebambekayo ngokuthi ngizogcina ngiyile,” kusho uMbuzeni.
Uveze ukuthi uRihanna wayefune ukucula naye ngenxa yokuthi wayetolike ingoma yalo mculi ethi: Shine Bright Like a Diamond, wayenza umaskandi.