OBENGUMSAKAZI wezemidlalo kwiMetro FM neRadio 2000 uRobert "Madluphuthu" Marawa, usola inhlangano yezokusakaza kuleli, iSABC ngokuba yimbangela yokushona kwabanye abethuli bezinhlelo.
Ekhuluma kwiPodcast and Chill with MacG, uMarawa uthe kuneqeqebana lezikhulu ezifuywe yiSABC elidala ukuthi abasebenzi abanekhono kule nhlangano, bagcine sebehlaselwa yisifo senhliziyo. Ushintshe nasebusweni ngesikhathi echaza ngokugula kwabanye babasebenzi abagcina ngokudlula emhlabeni ngenxa yokhwantalala, olwalubangelwa yinhlalo engeyinhle emsakazweni.
"Ngidinga ukukusho lokhu ngoba ngakusho ohlelweni lukaJJ (Power toTruth, kwi-eNCA) ukuthi kufanele aqaphele isibalo sabashonayo kwiSABC. Uyakhumbula kusaqala uhlelo, ngikutshela ngokuhlaselwa yisifo senhliziyo nokunye. Ingcindezi nokungakutholi okukufanele. Okunye engakusho ohlelweni lukaJJ ukuthi izinga lokushona kwabantu likhulu kuleliya bhilidi. Ngikhuluma ngo-Eddie Zondie, Amankwa; Cebo Maanyapelo, David Kekana nobhuti uVuyo Mbuli." Uthe ngesikhathi ekhuluma noJJ akakwazanga ukubala igama likaVuyo ngoba wasuke wamphazamisa.
"Ngangizolisho igama lakhe ngoba naye wabulawa ukumelwa yinhliziyo, kade ebukela umdlalo zombhoxo eFree State. Wahlaselwa yisifo senhliziyo. Ngakho kuningi ukungahlonishwa okufanayo,“ kusho uMarawa.
Uthe noZondi ngaphambi kokuba adlule emhlabeni wayesanda kuphucwa uhlelo lwaphakathi nezinsuku, esesele nolulodwa lwangeSonto.
"Izibalo zabalaleli bakhe phakathi nezinsuku zazidlula ezabanye kodwa wakhishwa ohlelweni. Ngakho kwakuphoqeleka ukuba asebenze ngokuzikhandla ngezimpelasonto."
Uthe kwakufanele ngamaSonto ehle enyuka esebenza emicimbini. "Kulokhu kwehla enyuka emicimbini kwamenza wafika ekhaya ekhathele efuna ukucambalala. Kwaba nokuthize okungamphethe kahle esifubeni. Umkakhe wamyisa emotweni ngenhloso yokumphuthumisa esibhedlela kodwa wagcina engafikanga ngoba washonela endleleni. Sekuwumkhokha."
URobert uthe naye uhlaselwe kakhulu yisifo senhliziyo ngenxa yakho ukusebenza engaphumuli nokudla noma yini. Uthe kunabantu okufanele bachaze ngalokhu noma kube nophenyo olwenziwayo.
Uthe emuva kokukhuluma kuJJ Tabane ngabantu abashone ngenxa yokuhlukumezeka emoyeni, wabe esethola i-sms eyayivela kumfelokazi kaMbuli, uSavita. "Yayithi 'Ungiphule inhliziyo. Ngiyazi ngokwenzeka ku-Eddie. Kuyefana nse nokwenzeka kuVuyo. Ngesikhathi eshona ngoMeyi wayengesenesivumelwano noSABC. I-contract yayingavuselelwanga. Yayiphele ngoMashi 31. Uthe ngokusho kukaSavita wabuyiswa uVuyo ngenxa yengcindezi yababukeli nezikhulu zikahulumeni kodwa kukhona ababengamfuni futhi engenasivumelwano.
"'Ngesikhathi eshona benza sengathi babemthanda ekubeni babengamfuni. Kubuhlungu. Ngakubona lokho kuRowena Baird nakwabanye abaningi.“
Uthe yingakho uSavita engafakanga muntu wakwaSABC ohlelweni lomngcwabo futhi wavimba nezingqwembe ezikhangisa ngawo enkonzweni yomngcwabo kaMbuli. Ubuye wadalula nokuthi nowayengumfundi wezindaba zesiXhosa uNoxolo Grootboom, wayekiswa umsebenzi ngo-2013 kungafanele ngenxa yeminyaka yobudala kodwa bebelokhu bembiza.
"Bakwenza lokho nakumfundi wezindaba zesiZulu, uSibongile Sokhulu. Baphinda iphutha elifanayo (ngoNoxolo). Ngesikhathi kushona uMam'Winnie Mandela, bambuyisa ukuba azokwethula umngcwabo. Bayakubona ukubaluleka kwakhe emingcwabeni kodwa hhayi ekufundeni izindaba."
Uthe ngesikhathi evaleliswa eseneminyaka ewu-63 kwababuhlungu kuMarawa.
Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela ingatholakali iSABC ukuba iphawule.