UMREPHA wakuleli uBoity Thulo uzibophezele ngokunikeza ngekhaya kwabesifazane abahlukunyezwayo emakhaya abo. UBoity uthe uzobhacisa abagilwa emzini ongakubo ePotchefstroom, eNorth West ngenxa yokwanda kwezibalo zabantu besifazane abahlukunyezwayo kulesi sifundazwe futhi abazithola sebephenduke ondingasithebeni ngenxa yokuhlukunyezwa.
UBoity umemezele lolu hlelo emuva kokwethula inhlangano yakhe iBoity Thulo Foundation ahlose ngayo ukutakula abantu besifazane abathwele kanzima lapho behlala khona.
Esitatimendeni asinameke ekhasini lakhe lika-Instagram, uBoity, uthe ubone kunesidingo sokuba abambe iqhaza.
"Inhloso ngokusungulwa kwale nhlangano ukulekelela abesifazane nezingane, kuzogxilwa kakhulu kulabo abakhahlamezwe ukuhlukunyezwa nawudlame. INorth West inezigameko eziningi zodlame olubhekiswe kubantu besifazane futhi ilele isibili ngemuva kwe-Eastern Cape mayelana nokuhlukunyezwa kwabesifazane ngokushaywa."
IBoity Thulo Foundation ihlele uchungechunge lwemicimbi ngonyaka ozayo ngenhloso yokuqongelela imali ukuze kusizwe abesifazane nezingane abahlukumezekile.
"Lokhu ngeke kusize ekuqongeleleni imali zokusiza abahlukunyeziwe kuphela kodwa kuzoqwashisa ngosizi lwalabo abagilekile eNingizimu Afrika."
UBoity usanda kulinyazwa kabi usaziwayo uBujy Bikwa kangangoba wagcina elaliswe esibhedlela. Wabuya esibhedlela wamvulela icala elenza uBujy wagqunywa ejele.