ININGI labantu abaphila nokukhubazeka libhekene nengcindezi yokungamukeleki emphakathini nokwenza kubenzima empilweni.
UMncedisi Mgwaba wakaSondela, KwaNyuswa odume ngokuba umbhishobhi emsakazweni iMbokodo FM kanjalo nasezinkundleni zokuxhumana, ungomunye wabantu abaphila ngaphansi kwale ngcindezi kodwa ongakuvumeli kumise impilo yakhe.
UMncedisi uveza ukuthi ukuhlangana nomsakazi weMbokodo FM uMbongeni Sibiya owethula uhlelo lwasekuseni iSivukile Breakfast Show kwayishintsha impilo yakhe. Namhlanje unengosi ethi Siyabaduduza kulolu hlelo lukaSibiya.
"Abantu banokukhuluma kabi bangithethise noma bangixoshe kweminye imingcwabo bathi bayangisaba, ngingabamba nezingane. Akungiphathi kahle lokho ngoba ngisuke ngihambise izwi likaNkulunkulu. Isikhathi esiningi ngisizwa uSibiya angiduduze athi ngingadinwa uma bekhuluma kabi abantu," kusho uMncedisi.
Yize ukudideka okuncane kukhona nezimpawu ezikhombisayo kodwa uma ukhuluma naye uMncedisi uphendula into eyome saka futhi akakhohlwa nokuthasisela ngevesi neziyalo ngaphezulu.
USibiya, echaza ngobudlelwano babo uveze ukuthi baqala ngo-2017 waze wamfaka emoyeni ngenhlanhla bamthanda abalandeli. Ukumsondeza eduze kwakhe uthe kungenye yezindlela zokumkhuthaza ukuthi aqhubeke nokushumayela izwi likaNkulunkulu.
"Akukho okubi akwenzayo ngaphandle kokuthanda uNkulunkulu nabantu. Ngakubo sekuze kwangenelela omama beketanga bahamba naye izinkonzo.
“Ikhansela liyameseka limnikelele nosomatekisi bayamgibelisa. Konke lokhu kuyakhombisa ukuthi ungumuntu wabantu. Ngiyafisa nalaba abangenzi kahle abasebenzisa isimo sakhe ukumenza ihlaya, bakuyeke lokhu," kusho uSibiya.
Isifiso sakhe esikhulu ukuthi bathole uxhaso kulolu hlelo ukuze athole okumfanele uMncedisi kanti nabantu abammemela izinkonzo, unxusa ukuthi bamgibelise okungenani ngoba akasebenzi.
Ugogo kaMncendisi ozala unina, uNkk Angel Maphanga uveze ukuthi ukubambelela kubazalwane kwenze isimo sakhe saba ngcono kakhulu.
UNkk Maphanga uthe yize engafundile kodwa unomqondo obamba ngokushesha nokwenza kube lula ukuphila nabantu.
"Wayenomfowabo kodwa washona, ngangingasho ukuthi naye uzokhula azafike kule minyaka. Wahluleka ngisho ukufunda ngoba esikoleni wayevele asine indlamu kungabe kusafundwa, othisha bakhale ngokuthi abasakwazi ukufundisa.
“Ukhule ngokunyamalala ekhaya ehamba nabantu benkonzo, nokwenze wangcono kakhulu eseneminyaka ewu-20. Ngibonga lokho kuNkulunkulu," kusho uNkk Maphanga.