UMREPHA wodumo, uCassper Nyovest, ugonyuluke ngembangela yokuhlukana kwakhe nonina wengane yakhe, uThobeka Majozi.
Ekhuluma noMpoomy Ledwaba kwiPodcast, uCassper uthe useneminyaka emibili eyimpohlo emuva kokugqabuka kwegoda phakathi kwabo ngenxa yokuthi wayeselawulwa wucansi futhi eselala nanoma iyiphi intombazane.
UCassper uthe ucansi ubeluthanda ngale ndlela yokuthi bese lumlawula futhi engasakwazi ukuhlala ngaphandle kwalo.
“Ngase ngiyisigqila socansi. Kuyilo olungitshelayo ukuthi ngenzeni futhi nini. Usuku lwami lwaseluba luncane. Ngase ngivuka ngabo-3 ekuseni, ngiye emizini yabantu, ngiyolwenza. Babevuka ekhaya bazitshele ukuthi bengilale khona kanti ngilale emizini yabantu. Bengihlale ngimatasatasa ngenxa yocansi.”
Uthe wayehluleka ukuba nabangani besifazane ngoba wayehlale ehalela ukuya nabo ocansini.
Uveze ukuthi ukusindiswa kwamphumuza ekubeni yisigqila socansi nasemikhutsheni ehambisana nalo.
"Ngavuka nje ngolunye usuku, ngazibuka esibukweni. Ngaba nemibuzo kodwa enganginazo izimpendulo zayo. Bengingaqondi ukuthi kwenzekani. Bekuyimibuzo emithathu, 'Ungubani? Uvelaphi futhi uyaphi?'"
Uthe impilo yakhe yavele yama futhi wangajabulela lutho.
"Ngikhumbula ngiyonandisa eThekwini. Ngathi angidlule ngiyobheka indodana yami. Yathi uma iza kimi ijabula, ngavele ngangaba nandaba. Ngazibuza ukuthi kwenzekani, anginamizwa ngendodana yami. Uma kungaba nomuntu engimthandayo, kumele kube yindodana yami."
Uthe wabe eseshayela uKabelo Mabalane ucingo , emazisa ukuthi unenkinga angazi ukuthi idalwa yini.
"Ngathi ayikho into engehlele embi kodwa angizizwa kahle. Wathi mhlawumbe nginokhwantalala." Uthe waqala waphelelwa wubuthongo waze waya esibhedlela, bathola ukuthi unokhwantalala.“
Uveze ukuthi uma eyedwa wayeba nomzwangedwa.
Uthe wabe eseyokhonza esontweni lapho afundelwa khona ivesi elathi ‘Thina sadalelwa ukukhonza uNkulunkulu’.
Eqhuba uCassper uthe wathinteka uma etshelwa ngento ayengakaze wacabanga ngayo, okuyinsindiso.
"Ngasengiyisigqila socansi nayoyonke imikhuba emayelana nalo. Ngangizitshela ukuthi ngibaluleke ukwedlula wonke umuntu."
Uthe ukhule kubo kukhonzwa kodwa wayengazi ukuthi wayengazani noNkulunkulu.
Uthe wayefana nomuntu ofile ngaphambi kokuthi azinikele kuNkulunkulu ngoJulayi nyakenye futhi abhale igama lakhe ezincwadini zaseZulwini.
Ubalule ukuthi esakhula wayezitshela ukuthi impumelelo ukuba nezizumbulu zemali, angcebeleke neziphalaphala zezintokazi, nokunye
"Ngangifuna ukuphumelela ngale ndlela yokuthi ngisho umkami kufanele athembele kimi. Kungabikhona into ayenza ngaphandle kwami. Kufanele alalele mina ngoba yimi onemali."
Uthe manje useluleka abantu ngobubi bocansi.