ISIHLABANI sikamaskandi uKhuzani “Indlamlenze” Mpungose uyaziphundele kubalandeli abamgxeka ngokungameseki owayengumsakazi woKhozi FM, uNgizwe “Zulu Charmer” Mchunu ngesikhathi esagqunywe esitokisini ngesonto eledlule.
Aze aphendule nje uKhuzani kunomlandeli okhwele wadilika kuye kade ebhale izibongo zakhe ekhasini lakhe likaFacebook ethi ungu“bhanana ziwushiy’ ekatini. Putuza putuzile iyangishiya into yomntwana. Bayayesaba eyakoKhuba bathi inebhodlela.” Kube sekuphendula omunye umlandeli ozichaze njengomkhaya kaKhuzani uStreetcraftsa wakhwela wadilika kulo maskandi emsola ngokuthi wayezitshela ukuthi uNgizwe ngeke aphumee estokisini.
“Ukhohlakele kabi wena. UNgizwe wakuthola uhlupheka, wonde umathambo. Wakwenza umuntu. Manje sewuzenza msulwa ngaye. Uzojeza ngokwenzile. Ngiyafunga uzojeza. Yaze yakhohlakala inja.Fu%$#@gi,” bekusho lomlandeli. Eziphendulela uKhuzani unxuse lomlandeli ukuba angasebenzisi inzondo nangezinto ezingewona umdlalo. Usole abalandeli bezimbangi zakhe ukusebenzisa ukuboshwa kukaNgizwe ukulwa izimpi zamaqhawe abo. “Senikusebenzisa njengeqhinga lokunginyundela ukuze kuzofezeka izinhloso zenu, nikhanda ngisho ama-fake, nithi ningabalandeli bami niphoxekile. Lalelani-ke iningi labalandeli bami liyameseka uNgizwe.Akaze mina ngibe nenkinga nalokho ngoba bayazi ukuthi balandela umculi ongamfiseli omunye umuntu okubi. Kwayena uNgizwe uyazi ukuthi anginayo lenhliziyo othi wena nginayo.”
Uthe yena ngeke enza into esiyenziwe yiGcokama Elisha ngoba abalandeli balo bazothi usekopele kulo. Uthe baningi abaculi abasizwe wuNgizwe kodwa ebebengekho ngesikhathi ebhikishelwa enkantolo. “Kuningi nami ebengikwenza ngisaphila noNgizwe, ngimeseke ezintweni eziningi. UMbuzeni Mkhize umngani kaNgizwe omkhulu akekho oke wambuza ukuthi ubengekho ngani.” UKhuzani ubuye waveza ukuthi ngesikhathi eshonelwe wugogo wakhe akekho owake wabuza uNgizwe ukuthi akayi ngani ukuyobona kubo.
“Kwaze kwasukuma ngisho uMthandeni wangikhalisa akaze nimbuze lutho umkhaya ngalokho. Akulona iqiniso ukuthi obengekho enkantolo akameseki uNgizwe. Uma kunjalo kungabe bonke labaculi ebebengekho nabo banezinhliziyo ezimbi njengami njengoba usho...Impela aziyikhonkothi emile, zikhonkotha ehambayo. Hleze nokufa kwami nikujahile, ukuze niphumule,” kuphetha uKhuzani.