Velani Ludidi
UFUNA ukubizwa ngoDkt Mkhize, futhi useze washintsha negama lakhe kwi-Instagram laba, nguDr Shauwn Mkhize.
Kuchwaze izinkundla zokuxhumana ngesonto eledlule ngesikhathi kuvela izindaba zokuthi isiqumama saseThekwini, futhi esingumphathi weqembu lebhola iRoyal AM, uShauwn "MaMkhize" Mkhize, sesingudokotela ngokomthetho. Lokhu kwenzeka ngemuva kokuhlonishwa ngeziqu ngenxa yemisebenzi emihle ayenzela imiphakathi.
Imithombo yezindaba ibike kwaze kwaphela u-ink emapenini, ngalolu daba kanti kuzovela izindaba zokuthi isikhungo ebesihlonipha uMaMkhize, asibhalisiwe ngokusemthethweni. Singumbombayi. UMaMkhize uhlonishwe ngeziqu yisikhungo senkolo yobukrestu, iGood Shepherd College of Religion, Culture and Training.
Kuthiwa isikhungo asinayo ne-website ngisho negunya lokuthi sikhiphe iziqu zePHD Doctorate in Philosophy.
"Siyakwazisa ukuthi iGood Shepherd College of Religion and Training ayibhalisiwe ngaphansi komnyango wezemfundo, njengesikhungo semfundo ephakeme esizimele. Kumanje simatasatasa nophenyo," kuchaza okhulumela umnyango wezeMfundo ephakeme nezokuqeqeshwa kuleli, uMnuz Ishmael Mnisi.
Nakuba esho kanje uMnisi kodwa akazange anabe kabanzi ngemininingwane ngophenyo, nangokuthi zikhona yini izinyathelo ezizothathelwa isikhungo.
Ikhasi leFacebook elingaphansi kwalesi sikhungo, lagcina ukubhalwa kulo ngonyaka owedlule.
Umndeni kaMaMkhize, nabangani bakhe bagubha impumelelo ngokumenzela umcimbi omkhulu. Lom somabhizinisi uze watsaka ngezithombe zakhe konke obekwenzeka emcimbini wokuhlonishwa nokugubha ekhasini lakhe kwi-Instagram.
Waze wabhalela abazali bakhe asebadlula emhlabeni incwadi efundeka kanje: "Sawubona Mama noBaba. Silapha esikhona. Amadodakazi enu womabili asengodokotela. Ngiyethemba wena nobaba niyazibonela futhi niyaziqhenya kakhulu. Ngiyabonga Nkulunkulu ngalolu suku futhi ngiyabonga oKhabazela kaMavovo KaYihlandla. Imizuzu enjengalena engiyithanda ekujuleni kwenhliziyo yami yonke, ukubungazwa futhi ngivunywe ngisaphila."
Imizamo yokuthola isikhungo ukuba siphawule ayiphumelelanga njengoba bekunzima nokuthola imininingwane yaso ezinkundleni zokuxhumana.