NQOBILE MASIMULA
BEKUKUHLE kudelile izolo eMgungundlovu, uThemba ’’DJ Euphonik’’ Nkosi, embesa isinqandamathe sakhe seminyaka, uKholeka Nxumalo.
Lo mcimbi ubuhanjelwe ngabaningi yize kubukeka sengathi izimemo bezikhishwa isinyenyela.
Ngokuthola kweSolezwe ngeSonto, uKholeka ongusomabhizinisi futhi udabuka eMpumalanga, sebenesikhathi baqala ukuthandana kanti banezingane ezintathu ndawonye. Indodakazi yabo yokuqala yazalwa ngo-2013.
Umthombo obusemcimbini ongathandanga ukudalulwa, uveze ukuthi umcimbi ubuseqophelweni eliphezulu futhi konke kuhambe njengoba bekuhleliwe.
“Sesiside impela isikhathi bendawonye, kwakusahanjwa iSkybar bejola kuze kube yimanje. Bese kuyisikhathi ukuthi bagcine belibopha ifindo likasofasilahlane ngoba bazana ukusuka nokuhlala,” kusho umthombo.
Yize kungacaci ukuthi ngabe ubekhona yini u-Advocate Auirelia Nxumalo, nokuke kwabikwa ukuthi naye uthembisene umshado nalo DJ kodwa kuvela ukuthi bayazana noKholeka.
Embikweni yaphambilini kuvela ukuthi lezi zintokazi zakwaNxumalo zisesithenjini no-Euphonik futhi ziyezwana yize ikhulunyelwa phansi le ndaba.
Imizamo yokuxhumana no-Euphonik ngenhloso yokumhalalisela ngosuku lwakhe, ayiphumelelanga kanjalo noKholeka.