UMLINGISI womdlalo iMuvhango uGabriel Temudzani, ubungaza iminyaka engu-21 elingisa indawo yenkosi u-Azwindini. Muva nje, ujabule ngendlela izinto ezizokwenzeka ngayo kulo mdlalo.
Maduzane ababukeli bazobona u-Azwindini ehla esihlalweni, asale elimele emphefumulweni. Impilo yakhe ephezulu iphela phambi kwakhe ebuka futhi ukuthola kunzima ukuphila impilo entsha kanti nonkosikazi wakhe uzoba nengane nesitha sakhe.
Ekhuluma ne-IOL Entertainment okuwuzakwabo weSolezwe, uTemudzani uveze ukuthi okubalulekile ngomdlalo ukusebenzisa yena ukuveza ukuthi uma ulahlekelwa yikho konke futhi uphelelwa ngamandla, lokho kungakuphazamisa kanjani empilweni.
“Ngiyakwazi lokhu u-Azwindini abhekene nakho manje. Njengomuntu wesilisa, ongumyeni nophinde abe ngubaba ukuba kulesi simo kubuhlungu. Izimo ezifana nalezi ziyizingqinamba ezinkulu empilweni. Ngiyathemba ukuthi amadoda kukhona azokufunda kulo mlingisi,” kuchaza uTemudzani.
Uveze ukuthi kuningi okuzohambisana nesimo abantu ababhekene naso njengoba kuhlasele igciwane iCorona. Lo mlingisi oneminyaka engu-41 uphinde waveza ukuthi ukulingisa indawo ka-Adzwindini kuyinjabulo futhi ukuphucwa amandla obukhosi kuzokwenza lo mdlalo uthakaselwe.
"Kulo mdlalo ngithanda ukubonga igalelo elidlalwe umlingisi engisebenzisana naye eduzane kakhulu uSusan (Maumela Mahuwa) ngendlela asebenze ngayo siqopha muva nje.
“USusan (Maumela Mahuwa) ukhombisa ukuba ngowesifazane onamandla kakhulu nobekezelayo. Owesifazane owubambayo umndeni wakhe ngisho kunzima. Oweseka umyeni wakhe noma ekusiphi isimo, uSusan uyinsika ka-Azwindini,'’ kuchaza uTemudzani.
Ephetha uTemudzani uveze ukuthi kuseyinjabulo ukulingisa kulo mdlalo iminyaka engaphezu kuka-20, wathi akufundile ngo-Azwindini wukuthi kumele ubenobuntu, ubekezele.