UMCULI weGqom, obekubatshazwa ukuthi wehlile emzimbeni, ewuhlabe inhlali, ugcine ebhobokile.
UBabes Wodumo uthi uyazi ukuthi usephenduke ihlaya kwabaningi kodwa akaguli, kuphela nje umzimba wakhe wethuswe wukuthola umntwana. Uthe ngenxa yokwehla isisindo, akasazigqoki nezikhindi abaziwa ngazo ngisho esteji.
Ubekhuluma ohlelweni lukaDudu Khoza, iJabula Ujule, kuKhozi FM.
"Abantu abafani, abanye bayakhuluphala uma bethola ingane, omunye uyancipha. Mina ngehlile, ngiyaphambana newahla. Ngithe angime kancane ezintweni eziningi. Ngisafuna ukubuyela ejimini bese ngiyabuyela kuma-bum short," kusho uBabes.
Ebuzwa ngendodana yakhe yodumo lukaSponge, uthe seyethiwe elinye igama elithi Hlelolenkosi.
Mayelana noshintsho oselube khona empilweni yakhe selokhu ashada, uBabes uthe umshado yinto engajwayeleki. Uthe kodwa kunezinto angasazenzi njengomshadikazi.
Ubale ukuhlala nabangani kuze kuse njengenye yezinto aseziyekile ngoba esewumama wekhaya oshadile.
"Abangani sebeyahamba, abasalali, senginalokho ukuthi sengishadile. Ziningi izinto engizifundayo, naye uMampintsha sekukhona akufundayo njengobaba.... siyazama," kusho uBabes.
Uchaze umyeni wakhe njengendoda enenhliziyo enhle futhi esheshayo ukudlulisa uma kuke kwaba khona ukushayisana.
Mayelana nokungezwani okulokhu kuvela phakathi kwakhe nomamezala, uBabes uthe into asevele wayibeka eqhulwini wukuthi abheke owakhe umndeni, wacela nomyeni wakhe ukuthi akagxile kowakhe umndeni ukuze izinto zilunge.
"Ngeke uqale phansi ulungise umndeni womuntu uma ungumakoti. Ngiye ngithi akabheke umndeni wakhe, nami ngibheke owami ngoba sihlanganiswe wuthando nengane," kuchaza uBabes.
Yize egeqe amagula uBabes, echaza nangesimo sokuncipha kwakhe kodwa kubukeka sengathi abantu abazange bayamukele le ncazelo, bebelindele ezinye izizathu. Ngemuva kwale ngxoxo ekhethekile, bekuchwaza ezinkundleni zokuxhumana abantu behlekisa ngesithombe asithwebule noLady D ngemuva kwale ngxoxo ebikhethekile.