UBEHLUSHWA yisifo sikashukela nesifo senhliziyo umlingisi wakuleli oshone ngokuzuma, uShaleen Surtie Richards (66), okuvele izindaba zokudlula kwakhe emhlabeni izolo.
Le ntokazi yase-Upington, eNorthern Cape, kuvele ukuthi ishone ilele endaweni yezivakashi eseKapa.
Kuvela ukuthi ubekule ndawo nje ngoba ubematasa eqopha omunye wemidlalo, i-Arendsvlei.
U-Shaleen uzakhele igama kwiGenerations lapho ayelingisa khona indawo kaMattie.
Waphinde wabonakala efilimini kaLeon Schuster ethi Mama Jack, nokuthe kuvela izindaba zokudlula kwakhe emhlabeni, abantu bathi bayomkhumbula ngayo kakhulu.
Ngokwesitatimende esithunyelelwe abezindaba, umndeni uveze ukuthi amahlebezi okuthi uzibulele awalona iqiniso.
“Umndeni wakwaSurtie uthanda ukuqinisekisa izindaba zokudlula emhlabeni ngokukhulu ukuzuma komlingisi obethandwa kakhulu kuleli, uShaleen Surtie-Richards. Abaningi bebazi ukuthi uhlushwa yilezi zifo zombili nesisola ukuthi ukudlula kwakhe emhlabeni kusondelene nazo, sizolinda ukuhlolwa kwesidumbu ukuqinisekisa lokho. Lokhu osekukhulunywa ngabantu ezinkundleni zokuxhumana asikwazi yingakho sifuna ukuqinisekisa ukuthi akazibulalanga kodwa ubengaphilile,” kuchaza isitatimende somndeni.
Ubonge uxhaso oluthole kubantu bakuleli ezinhlakeni ezahlukene njengoba beveze ukuthi bezwa ubuhlungu obukhulu njengoba lokhu okwenzekile bebengakulindele.
Ozakwabo endimeni yokulingisa, amaqembu ezepolitiki nabalandeli bakhe badlulise amazwi enduduzo emndenini nasezihlotsheni zalo mlingisi.
Ngo-2014 lo mlingisi wahlonishwa ngeLifetime Achievement Award emcimbini wamaRoyalty Soapie Awards.
Eminye imidlalo abeseke walingisa kuyo kubalwa othi Egoli, Rockville neminye yesiBhunu.