UNTOKAZI eke yaphenduka undaba mlonyeni inqoba eyengoma yonyaka emsakazweni Ukhozi FM, uDJ Hlo, ikhuza abantu abasabalalisa izindaba zokuthi ijola nosomabhizinisi wodumo lwezimbiza, uDkt Musa Zulu odume ngemikhiqizo iMaz.
Ezinkundleni zokuxhumana abantu bakhuluma ngothando lwalo DJ oneminyakaka ewu-23, njengoba uMaz kuyindoda esiqatha ebalelwa eminyakeni eko-50. Baze bathi lo DJ angaba nawumzukulu kuMaz.
Abanye bathi ukuze lo DJ anqobe eyengoma yonyaka, wasizwa yilo somabhizinisi emkhankasela ngemali eshisiwe.
“’Yinto eyaziwayo ukuthi uHlo ujola noZulu....abajoli nje kodwa uZulu uyamlobola ngoba uselethe ngisho umembeso kubo,”’ kusho omunye umthombo osondelene nalo DJ.
UDJ Hlo uthi usenesikhathi ezizwa lezi zinsolo zokuthi yena noZulu bayathandana futhi bazoshada.
"Akulona iqiniso ukuthi mina nobaba uZulu sizoshada. UZulu ungumphathi wami kuphela akukho okunye esihlangene ngakho ngaphandle komsebenzi. Asithandani," kusho uHlo.
Uqhube wathi uyacela ukuthi abantu bayeke ukukhuluma izinto ezingelona iqiniso ngegama lakhe, abukho ubudlelwane aseke aba nabo noZulu ngaphandle komsebenzi abawenza ndawonye.
UHlo uphinde wathi yena into abhekene nayo njengamanje umsebenzi wakhe, eyothando yinto angayingeni.
Imizamo yokuthola ukuphawula kukaZulu igcine ingaphumelelanga, nemiqhafazo athunyelelwe yona akayiphendulanga.