SELOKHU ahlukanisa unyaka ngengoma yakhe ethi Isibani ngo-2021, uDj Hlo akakaze akuthole ukuphumula njengoba abantu besamncofa namanje. Yize ekubona konke lokhu futhi kungehli kahle kodwa uveza ukuthi uphokophele phambili njengoba izolo evuse iNingizimu Afrika ngengoma entsha ethi Ubuhle bakho. UDj Hlo uthe Ubuhle bakho bukhuluma ngobuhle bothando owesilisa ezibika kowesifazane kuze kube bayavumelana. Le ngoma ayihlanganyele noNtando yamaHlubi no-Emoji, uthe uyafisa imbeke ebalazweni njengalena ethi Isibani.
Lo mculi uthi kuyisifiso sakhe ukuthi le ngoma iphinde ihlukanise unyaka, wanxenxa abantu ukuthi bayifake ezingomeni eziyishumi eziqokelwa ingoma ezohlukanisa unyaka emsakazweni Ukhozi FM.
"Ngizokuphinda lokho, le ngoma imnandi kakhulu futhi ngikholelwa ukuthi ngikhulile emculweni nomsebenzi usezingeni eliphezulu. Ukusebenza nabantu abasha abanothando lomculo nomsebenzi wakho nakho kwenze kwalula ukuyihlanganisa," kusho uDj Hlo.
Eqhuba uthe noma enganazo izinhlelo zokukhipha i-albhamu ephelele kodwa uzimisele ngokulokhu ededela imicu emisha ngokusebenza namanye amaciko ikakhulu laba abasebasha kule ndima.
" Ngibona sengathi sengisezingeni lokufukula amanye amaciko ngisebenze nabantu abasafufusa ngoba nami ngiqale kuleso sigaba. Ngiyafisa nokuthi le ngoma ikhule nabantu bayeseke isabalale kuzona zonke izindawo," kusho uDj Hlo.
Nyakenye wakhipha ingoma ethi Visa neshaya ngesigqi esimnandi seziwakala ukuthi sisetshenzwe kakhulu.
Kule mpelasonto ubheke enye yezindodo zamaZikomo African Awards aqokelwe yona eZambia. Ngaphandle komculo uDj Hlo umatasa nenhlangano yakhe engenzi nzuzo iNhlosenhle Community Development elula isandla emphakathini. Uphinde abengusomabhizinisi njengoba enendawo yokuzicwala iThe Palace enkabeni yeTheku. Uphinde abeyinxusa leLeMaz wine.