AKASAKHATHALELE kakhulu ukuculela imali kodwa ufuna ukuvuselela uthando kubantu ngomculo wakhe umlingisi osahlabe ikhefu kwezokulingisa ngenhloso yokubhala izingoma ezakhayo.
UBrian Temba uthi umculo yiwona awukhonze kakhulu ngoba uyamvuselela emoyeni. Lokhu kufakazelwa nayi albhamu yakhe entsha ethi Its all you enezingoma eziyisishiyagalombili lapho ekhuluma khona ngothando nobuhle balo kubantu.
"Ngiwumuntu wothando, nomculo ngiyawuthanda kakhulu. Konke engikwenzayo kumayelana nothando. Umculo owenza umuntu alangazelele ukuthandwa, avuseleleke akhumbule isithandwa sakhe uma ewulalele usumncane kakhulu. Uhlobo lomculo engiwenzayo ngifuna nobephoxekile othandweni aphinde avuseleleke abone ukubaluleka kokuthanda nokuthandwa. Umculo wakudala ubuyivuselela imizwa futhi unomyalezo nokuyinto engifuna ukuyibuyisa,"kusho uBrian.
Kule albhamu kunezingoma ezahlukene azenze nabanye abaculi okubalwa nethi Hlala Nam ayicula noBlaklez. Ngaphandle kwakhe kukhona nengoma ayicula nesilomo sezingoma zothando u-Afrotraction kanjalo noNonjabulo Nene ongumbhali. Lokhu kokwenza izingoma ezingaphansi kweziyishumi uthe akulona iphutha kodwa ubone sekwanele ngokomyalezo ebefuna ukuwudlulisa.
Eqhuba uBrian uthe ukwesekwa akuthola kubantu ngezinye zezinto ezimgqugquzela yize abaningi besenakho ukumbona njengomlingisi kuqala kodwa ngale albhamu akangabazi ukuthi bazothola okuzobenza bakwazi ukumamukela njengomculi. Yize ecula ngokuzimela kodwa akanqabi uma oDJ bomculo weHouse bakuleli nabakwamanye amazwe aphesheya befuna ukusebenza naye.
UBrian ubehlela ukuthi ahambele izifundazwe ezahlukene nyakenye kodwa kwangenzeka kodwa uthe uyethemba ukuthi kulo nyaka uzokwazi ukuhamba ethule kahle i-Its all you. Ephetha uthe ukubambisana emculweni nokusizana kwabaculi kuyinto ebalulekile kulo mkhakha ngoba luningi ulwazi abacobelelana ngalo kwazise nezindlela ezintsha zokwenza umculo zilokhu ziqhamuke njalo. Le albhamu seyiqalile ukutholakala ezinkundleni zomculo kwi-internet kanti uzowagaya namaCD enzele abafuna wona uqobo.