ZIJABULISE nabalandeli izindaba zokufika kwamawele omunye wosaziwayo bakuleli oveze ukuthi usengubaba ngokugcwele. UMoshe Ndiki ongumethuli wezinhlelo zethelevishini nomlingisi ubusiswe ngamawele abafana asewethe namagama. Lama wele okunguThalanda Alexander Moshe Ndiki noNtaba Lehlonolo Siyolo Ndiki afika nje asebhekwe ngabomvu njengoba uMoshe amemezela ngo-Epreli nyakenye ukuthi usezoba ngubaba wawo.
Ngesikhathi eveza lokhu nokuthi kunowesifazane ozithwele abantu bambongela kodwa kwahlukana imibono njengoba iningi labantu lakuthatha ngokuthi uyadlala. Ukunameka izithombe zawo kucacele nanoma ubani ukuthi uMoshe usengubaba futhi uyaveza nokuthi ukulungele ngandlela zonke. Kuzokhumbuleka nokuthi phambilini wakuveza ukuthi kuneminyaka azibekela yona nafisa ukuba ubaba ngayo.
" Ngiyabonga baba ngabafana ababili abalethwe kahle, uThalanda Alexander Moshe Ndiki noNtaba Lehlonolo Siyolo Ndiki bayikho konke kimi," kusho uMoshe ekhasini lakhe lezokuxhumana.
Imiyalezo yezilokotho ezinhle balokhu beyithumele njalo abalandeli bakhe, abangani kanjalo nabanye osaziwayo.