UDUMISA uNkulunkulu ngempilo umdidiyeli womculo uMaster KG, okuthe ngoLwesithathu, kwaqhuma injini yebhanoyi ephakathi eTurkey.
UMaster KG wodumo lwengoma ethi Jerusalema, uthi ubesebhanoyini leTurkish Airlines ngesikhathi kwenzeka isigameko e-Istanbul.
Ebhala kuTwitter uthe injini yangakwesokunxele kwebhonoyi ivele yaqhuma lisanda kusuka, kwaphoqeleke ukuthi bahambe amahora amane ukuze kunciphe uphethroli bakwazi nokubuyela esikhumulweni sezindiza.
"Hhayi bo! injini yangakwesokunxele yaleli bhanoyi ie @TurkishAirlines ivele yaqhuma ngemuva kokusuka e-Istanbul! Siphoqelekile ukuthi sizungeze amahora amane ukuze kunciphe uphethroli, bese siyakwazi ukuyohlala esikhumulweni sezindiza. Ngike ngacabanga ukuthi kuphelile ngami! UNkulunkulu uyamangalisa, siyabonga kubashayeli."
Imizamo yokumthola izolo ayiphumelelanga ngoba ucingo lwakhe belungangeni. Umyalezo athunyelelwe wona kwiWhatsApp ukhombise ukuthi uhambile kodwa wagcina engawuphendulanga.
Ngenyanga edlule uMaster KG umemezele ukuthi usesungule isitebele sakhe sokuqopha iWanitwa Mos Entertainment. Ezinyangeni ezedlule ubejabulela ukuba sohlwini lweForbes Africa 30 Under 30. Lolu hla luhlanganisa abantu abangosomabhizinisi abancane abagila izimanga futhi abayizincithabuchopho.
"Kuya ngokuya kuba ngcono! NgoLwesihlanu ngikhiphe ingoma entsha noDavid Guetta no-Akon futhi isilalelwe izikhawu eziyisigidi futhi yenza kahle emhlabeni jikelele. Izolo ngibe yingxenye yeForbes under 30. Ngibonga uNkulunkulu," washo kanje lo mdidiyeli.