USAZIWAYO ongaconsi phansi kubalandeli bakhe udalule ukuthi ushaywe ngomunye wosaziwayo ngemva kwengxabano, okungacaci ukuthi isuswe yini emcimbini ngoLwesine, eCourtyard Hotel eMidrand.
Emibikweni ezinkundleni zokuxhumana kuvela ukuthi uBoity Thulo ushaywe ebusweni ngebhodlela latshwala ngowayengumsakazi weMetro FM uBujy Bikwa, okubikwa ukuthi limshiye nesibazi.
UBoity ubhale isitatimende izolo wasineka ekhasini lakhe kwi-Instagram, etshela abalandeli bakhe ukuthi akazimisele ukuphendula mbuzo mayelana nesigameko esimehlele.
Enkulumweni yakhe uthe:
“Ngizithole ngiyisisulu esigamekweni sokushaywa kodwa sengivule icala engizimisele ngokulilandelela kuze kufike esiphethweni. Yize ngilusukumele lolu daba angizimisele nhlobo ngokuphawula ngalo kubantu abadinga imininingwane ngokwenzekile,” kubhala uBoity.
Eqhuba ucele ukuthi abantu bamkhulule ukuze akwazi ukuthola indlela azodlula ngayo kulesi simo abhekene naso. Uphethe ngokuthi amathemba akhe uwabeke ezandleni zomthetho ongahambisani nhlobo nokuhlukunyezwa kwabantu besifazane.
Okhulumela amaphoyisa eGauteng, uColonel Athlenda Mathe, usiqinisekisile isigameko sokushaywa kowesifazane eMidrand ngoLwesihlanu.
“Umsolwa othinteka ecaleni lokushaya uvele eNkantolo yeMantshi eMidrand, kulindeleke ukuthi abuyele kuyo ngoLwesithathu,” kusho uCol Mathe.