BACHAZEKILE yindlela uZahara asingathe ngayo uhlelo evela okokuqala ngqa njengelinye lamajaji kuma-Idols. Lo mculi usohlwini lwamajaji amenywayo nazolokhu ebonakala eshintshana kwi-Idols. Lokhu kulandela ukumiswa kukaSomizi Mhlongo ongelinye lamajaji kulolu hlelo.
UZahara uveze ukuthi ubefa wuvalo njengoba bekungokokuqala ngqa ukuthi abe yingxenye yalolu hlelo eyijaji. Abalandeli be-Idols nabathandi bomculo bathe wenze umsebenzi oncomekayo futhi bachazekile nangedlela aziphathe ngayo.
Zimthokozisile lezi zindaba uZahara kwazise vele kulezi zinsuku akaconsi phansi nge-albhamu yakhe edlisayo enezingoma okubalwa kuzo ethi Nyamezela neNqaba Yami.
"Ngiyabonga bakwethu ngokuphawula kwenu ngendlela eyakhayo. Bengiqala ukuba yijaji, ngizolokhu ngifunda kuze kube ngokuzayo," kubonga uZahara. Ngaphandle kokuncoma umsebenzi awenze kahle, abanye bebekhala ngomsiko wakhe abewudlubhe kulolu hlelo.