EMUVA kokusabalala kwama-video ezinkundleni zokuxhumana eveza umculi wakuleli edonswa amaphoyisa, usekhetha ukuziphendulela.
UBabes Wodumo, osephinde waba sematheni emuva kokuthi ebonakale kuma-video ekwelinye lama garaji ebusuku ekhala ubumayemaye ecela usizo ebanjwa amaphoyisa, useveze ukuthi alikho elibi, ubeqopha ivideo thizeni. UBabes Wodumo ubhale ekhasini lakhe lakwiFacebook wathi : "Yehlisani umoya bakwethu. Bekungesikhathi kuqoshwa i-music video. Isihloko sengoma sithi Asiwona Amaphoyisa Saba Layikhaya," kusho uBabes.
Emuva kwalokho ubesevala ukuthi abantu bangene baphawule ngale ncazelo yakhe.
Only God knows what is happening to Babes Wodumo. pic.twitter.com/2ddItkMb5b
— MINISTER OF LOVE (@MbongiThe) September 6, 2021
Kuvela le video nje uNgqongqoshe wamaPhoyisa eNingizimu Afrika uMnuz Bheki Cele ubesanda kuveza izinkinga ezikhungethe amaphoyisa zokushoda kwezimoto zokusebenza, okubalwa nawaseMlaza.
Ngenyanga edlule leli phephandaba lamisa udaba emuva kokuthi owesifazane eswele iveni yamaphoyisa ezomphelezela ukuyosayinisa uyise wengane incwadi emdinga enkantolo mayelana nesondlo.
Phambilini, leli phephandaba lake labika ngomculi owaboshelwa ukufaka umfaniswano wamaphoyisa emcimbini wezindondo.
Kuthintwa okhulumela amaphoyisa eKZN uColonel Thembeka Mbele ngalolu daba, ucele kuthunyelwe eminye iminingwane nge-email, kodwa wacacisa ukuthi abaqopha ama-video badinga ukufaka isicelo bese bethola imvume.
Kwenzeka lesi sigameko nje, nangesonto eledlule ubevele esematheni uBabes Wodumo eveza ukuthi ubopha abamdlalisa ngezinto ezingehli kahle ezinkundleni zokuxhumana.
Kuzokhumbuleka ukuthi le video akuyona eyokuqala uBabes Wodumo ebonakala namaphoyisa.
Ngesikhathi kuqala umvalelandlini nesikhathi sikathaqa kwavela ivideo enamaphoyisa uBabes ekhala nangokuthi sekuphele nesiNgisi sokuwachazela. Nalapho kwagcina kungacacanga ukuthi yayiqoshwe mayelana nani le video kwazise abantu babesathuka izanya ngoba wayeke wabophisa uMampintsha mayelana ne-video eyamveza ekhala ngokuthi uyamshaya.