UMETHULI wezinhlelo ongusomabhizinisi odumile emhlabeni u-Oprah Winfrey akawuvali umlomo ngomlingisi wakuleli uThuso Mbedu ongundabamlonyeni eHollywood, e-USA ngenxa yomdlalo omusha alingisa kuwo. Lo mlingisi okhulele eMbali, eMgungundlovu udlala indawo eqavile kaCora Randall emdlalweni okhonjiswa kwi-Amazon Prime Video, iThe Underground Railroad,
U-Oprah uqale wabhala ekhasini lakhe ku-Instagram encoma lo mdlalo noThuso ngokushaya into ecokeme.
“Kade ngibuka iThe Underground Railroad isonto lonke, kumele ngikusho ukuthi kubalulekile ukuthi siyibuke. Umqondisi wayo uBarry Jenkins uguqula incwadi kaColson Whitehead evele iseqophelweni eliphezulu ayenze umdlalo owuchungechunge okuthintayo emoyeni. Ukulingisa kukaThuso Mbedu kusezingeni eliphezulu. Kuningi okuhle okuseza empilweni yakhe ngemuva kokumbuka kulo mdlalo,” kusho u-Oprah.
Ube eseluleka ababukeli balo mdlalo wathi bangawujahi, bazinikeze isikhathi uma sebewubuka ngoba ujulile futhi sonke isiqephu sisezingeni eliphezulu.
Ekhuluma naye engxoxweni ye-Oprah Daily ayifake emakhasini akhe ezinkundleni zokuxhumana u-Oprah uthe uqala ngqa ukubona umlingisi okwaze ukulingisa ngendlela alingise ngayo uThuso kulo mdlalo. Umbuze ukuthi ukwenze kanjani lokhu ngoba indawo ayilingisayo inzima.
UThuso uveza ukuthi kudingeke alulekwe ngokwengqondo ukuze ahlukane nendawo abeyilingisa ngokomoya ngoba kuningi okufanayo phakathi kwakhe nayo ikakhulukazi indlela abakhule ngayo.
Lo mlingisi uthe udinge ukwenza ucwaningo oluningi ngabantu abamnyama ngezikhathi zeminyaka yo-1800 e-USA ukuze acoshe konke angakuthola ngendawo abeyilingisa.
UThuso uthe kuningi okushintshile kuye ngemuva kokudlala indawo kaCora kulo mdlalo.
Ingxoxo yakhe ephelele no-Oprah: