SELUNGENWE abameli udaba lukaSomizi Mhlongo nomyeni wakhe uMohale Motaung-Mhlongo ngempelasonto okuvele ukuthi umsola ngokumhlukumeza emshadweni wabo.
Ngokwephephandaba lesiNgisi eliphuma njalo ngeSonto, iSunday World, uMohale ubonakele kwi-video eyaqoshwa ngophrojusa beLiving the Dream with Somizi ephumela obala ngokuhlukunyezwa wumyeni wakhe uSomizi.
Phakathi kwezigameko zokuhlukunyezwa azibalayo uthe zisuka nje ebudlelwaneni babo uSomizi wamvimba ngommese wathi uzomgwaza embuza ukuthi kade elelephi ngesikhathi engekho yena eseThekwini. Kwesinye isigameko uthi ngemuva kwengxabano noSomizi wakhetha ukungena emotweni ahambe, wathuka woma embona emlandela ngeyakhe emshayela amalambu. Uthi lokhu kwaphetha ngokuthi amshayise, imoto yakhe yaphuma emgwaqweni. Konke lokhu uthi kwenzeka ngaphambi kokuthi bashade.
Ngaphandle kwalokhu uphinde wasola uSomizi ngokungathembeki nangokuthanda ucansi nabantu abehlukene ngesikhathi esisodwa.
Ephendula lezi zinsolo, uSomizi ushicilele istatimende lapho kuvele khona ukuthi udaba uselufake kubameli.
“USomizi Mhlongo uyazi ngezinsolo ezibekwe ngumyeni wakhe angasasondelene naye uMohale Motaung, ezishicilelwe kwiSunday World ngo-Agasti 1. Ngoba yizinsolo ezinzima, uSomizi useludlulisele kubameli bakhe lolu daba okuyibo abazolusingatha kangcono. Akukho okunye azokusho ngaphambi kokuthi ayalelwe abameli bakhe ngesikhathi esifanele sokukhuluma,” kusho isitatimende.
Kusukela zashada lezi zithandani, ubudlelwano bazo bulandelwa yifu lezinsolo zokuthi kukhona okungahambi kahle emshadweni wazo, okuyizinsolo asebezichithe kaningi phambilini.