INKUKHU inqunywe umlomo kubantu ezinkundleni zokuxhumana ngesikhathi isilomo sezinhlelo zethelevishini sibuyela nesoka laso emuva kokuthi laphenduka ihlaya elilaxaza ezweni lase-United Arab Emirates, edolobheni iDubai.
UKhanyi Mbau sekuphinde kwasabalala amavideo eseDubai nesoka lakhe uKudzai Mushonga ongusomabhizinisi waseZimbabwe. Lokhu kuza emuva kokuthi uKudzai esanda kuphenduka ihlaya ezinkundleni ekhala ngokuthi uKhanyi usemlaxaze eDubai.
UKudzai watshela abantu ukuthi uKhanyi waphuma njengomuntu ophuthuma endaweni yokuzicwala eyokwenza ikhanda ngo-2 ekuseni kodwa lutho ukubuyela endlini.
Izakhamizi zakuleli zazwelana noKudzai ngesikhathi sekuvumbuka izithombe nevideo ekhombisa ukuthi uKhanyi usebuyele kuleli.
Selokhu kwenzeka lesi sigameko abantu abaningi bazitshela ukuthi sekuphelile ngothando lwabo.
Intatheli ithinta uKhanyi ngalolu daba akazange athande ukucacisa ukuthi kwenzekani noma aphawule ngalo.
Kuvela lama video amasha bese Dubai nje, uKhanyi ubesanda kuba sematheni ngevideo eshaya ingoma ethi, Shiya indoda eDubai, uphume sengathi uyabuya.
Le ngoma yavele yenza abantu ezinkundleni zokuxhumana bakholwa ukuthi sekuphelile. Namhlanje amathe abuyele kwasifuba ngalama video akhombisa ukuthi uthando lwabo luqale phansi luvutha amalangabi.