CHARLES KHUZWAYO
SEBEMENYEZELIWE abazobamba iqhaza emdlalweni wabaculi bakamaskandi nabe-hip hop osuzobanjelwa eSandton Sports Club ngoLwesibili kusukela ngo-6 ebusuku.
Phakathi kwabaculi bakamaskandi ababoshelwe kubalwa uNtencane, Inkosi Yamagcokama, uNjoko, uDumakahle, uNgiga, uMzukulu, uNgelo V noJaiva Zimnike. Babuye bapika nomsakazi woKhozi FM uTshathugodo Ngobe, umsakazi webhola kuTV uReggie "Mapensela" Ndlovu nowayengumgadli we-Orlando Pirates kodwa osehlaziya ibhola kuSABC 1 uPhimedzo Manenhze. Iqembu labomrepha lona libophele uSjava, Kwesta, AKA, Riky Rick, Reason, Blackie noTouchline. Kubuye kwengezwa ngomculi we-Afro house uZakes Bantwini, uLindough nowayengumdlali weKaizer Chiefs uYeye Letsholonyane. Abagqugquzeli balo mdlalo uKhuzani Mpungose noBig Zulu sebeqalile ukupiklelana.
UKhuzani uthe bazokwenza isiqiniseko sokuthi omaskanda abadliwa ngoba abafuni ukuphoxa izinkumbi zamabhinca ezilandela umculo kamaskandi.
"Engifisa kucace ukuthi siwumaskandi asikaze sehlulwe. Uma nje uqhathwe nomaskandi awusoze uwine nangengozi. Kuyobe kuyaqala...akukaze kwathiwa umaskandi uyehluleka. Sisuka kude nokuqhathwa nokushaya izinsizwa. Ngeke-sizivumela igenge ye-hip hop ukuthi isihambe emakhanda. Ngomhlaka 10 okuzobe kungoLwesibili lolu lwakusasa. Asiphikeleni khona-ke bafwethu siyoshaya i-hip hop ngebhola likanobhutshuzwayo," kuchaza uKhuzani osashisa izikhotha ngenoni elithi Ijele. NoBig Zulu uthe uyasethemba kakhulu isikimu sabomrepha asibophele kwiMaskandi vs Hip Hop Football Match.
"Azikhale! Sesimi ngomumo. Abakamaskandi ngeke babone lutho. Umdlalo wethu uzobe usakazwa bukhoma," kuphetha uBig Zulu wodumo lwengoma ethi Imali Eningi. UKhuzani unxuse abantu ukuba bayibuke lengqophamlando yomdlalo besezindlini ngoba enkundleni kuzokwamukelwa abantu abangevile kwabawu-50.
"Sizosebenzisa laba bantu abathwebula imidlalo yePSL ukuze lomdlalo uzokuba sezingeni. Sizolokhu sinethulela nabanye omaskandi abazoba yingxenye yomdlalo. Awuqopheke umlando. Asibadle." Uthe umdlalo uzobe usakazwa bukhoma uSbo Shangase omemezela imidlalo yebhola kuKhozi FM. "Iyodibana khona masosha. Uhlu lwabanye abaculi bakamaskandi luyeza. Khululekani," kuphetha uKhuzani.