EMUVA kokuthi ephenduke inhlekisa ngomzimba wakhe ngempelasonto usekhethe ukuxolisa kubantu umculi wakuleli. UMakhadzi odabuka eLimpopo ongomunye wezintokazi ezishisa izikhotha kulezi zinsuku uzithole esexolisa kubalandeli emuva kokusabalala kwesithombe sakhe esimveza edansa kuvele izishishi ezimnyama emathangeni lokhu okwaziwa ngekiwi. Ngokujwayelekile nangokwendalo yabantu ikiwi ihlasela abesilisa nabesifazane nedalwa ukushukana kwamathanga kumuntu ngesikhathi ehamba.
Lesi sithombe okubonakalayo ukuthi umthwebuli usithathe engezansi kwakhe sikhombisa uMakhadzi unganakile ukuthi asevele wonke amathanga njengoba abuye adanse sakugida. Lokhu kumenza ahlale enyakaza esiteji futhi singekho isikhathi sokuthi abuye akhathazeke ngamathanga uma ejabulisa abalandeli.
Emuva kokusabalala kwalesi sithombe uzithole esephenduke ihlaya waze wakhetha ukuxolisa. " Ngiyaxolisa kubona bonke abalandeli uma niphoxekile ngalezi zithombe. Beziningi umthwebuli ebengazinameka kodwa wakhetha ukusebenzisa lesi ukukhangisa umsebenzi wakhe, wakhohlwa ngomonakalo awenza kimi,"kubalisa uMakhadzi.
Emuva kwalamazwi kushintshile ukudla epuletini abantu bathinteka bamduduza babodwa abakhala ngokuthi abesifazane bayadumaza ngokuhlala bephambili uma kuhlekiswa ngomunye wesifazane. UMakhadzi akagcinanga lapho uphinde waveza ukuthi noma angazama ukuziqinisa kodwa umndeni wakhe nabangani nezihlobo bayahlukumezeka uma sebembona ekhala. Yebo, ngingaqina kodwa umndeni wami awunjengami uma ungibona ngikhaliswa yilezi zithombe ezenziwayo,"kusho uMakhadzi.
Abantu balokhu beqhubeka nokumeseka nokumazisa ukuthi muhle ngendlela adalwe ngayo angazikhathazi ngokubi okwenziwa abanye kuye. Lokhu kuthinte ngisho osaziwayo okubalwa noZodwa Wabantu, Khanyisa Mbuthu, Qwabe Twins nabanye abakhombise ukumeseka.