INKAKHA yomculi neyilungu leTrompies, u-Eugene Mthethwa iphazamise uNgqongqoshe wezeMidlalo, ezebuCiko namaSiko eGauteng, uNksz Mbali Hlophe ngesikhathi ethula inkulumo enkonzweni yomngcwabo ka-Emmanuel “ Mjokes” Matsane obungoMgqibelo eGoli.
Ngesikhathi ungqongqoshe eqala ukukhuluma, uMthethwa usukume waqala ingoma wavumisa abantu abebesenkonzweni yomngcwabo, maqede wama phambi kwakhe esteji. Wathi asikho isidingo sokuthi kukhulume uNgqongqoshe uHlophe ngoMjokes ngoba akamazi. Uthe okungcono akungene uNgqongqoshe wezokuThutha kuzwelonke, uMnuz Fikile Mbalula okunguyena omazi kangcono umufi.
UMthethwa uthathwe ngabathile bamkhiphela ngaphandle ukuze ungqongqoshe athole ithuba lokukhuluma. Emva kwenkulumo, umphathi wohlelo udlulise umyalezo kungqongqoshe uHlophe athe uqhamuka kwiKalawa Jazmee ebixolisa kuyena yathi akuyona indlela abaziphatha ngayo enkampanini le eyenziwa wuMthethwa. UMthethwa uyilungu leTrompies obekucula kulona uMjokes ongasekho.
UNgqongqoshe uMbalula uthe akasigxeki isenzo sikaMthethwa, wathi ubemela iqiniso. Ethula inkulumo uMbalula, udalule ukuthi kudala bazana noMjokes, futhi ubecula izingoma zakudala zeTrompies aphinde azichaze ukuthi zisho ukuthini. Uthe uMjokes ubesebenza ngokuzimisela emculweni futhi akakaze aqole muntu ukuze aphumelele. Uthe lo mculi ubesefana nomfowabo futhi ubejwayele ukuhlala naye eKalawa Jazmee.
Omunye wabaphathi beKalawa Jazmee, u-Oskido, uthe uMjokes ubebalamula uma kukhona ukungaboni ngaso linye njengoba bonke bengabaphathi benkampani. Uqhube wathi bebazi ukuthi kunoma iyiphi ingxabano, iyaxazululeka uma sekufike uMjokes.
Lo mculi ungcwatshwe eHeroes Acre, okungamathuna okufihlwa kuwo amaqhawe, okukhona kuwona noRobbie Malinga. Lokhu kuvezwe wuNgqongqoshe uHlophe enkonzweni yomngcwabo.
UMjokes ushone engozini yemoto ngeSonto ekuseni ephuma konandisa neTrompies, eSoweto Arts and Culture Festival, eMeadowlands.