NKOSIKHONA CELE
UTHUKUTHELE uyaveva uJabulani “Mjay” Zama, ongumnikazi wendawo yobumnandi yaseMlaza, eYadini, ngezinsolo zokuthwala nezinye ezibucayi kakhulu okuthiwa zenziwe ngowesifazane okusolakala ukuthi ngumkakhe ezinkundleni zokuxhumana.
Lo wesifazane ezinkundleni zokuxhumana ubhale uxhaxha lwezinto asola ngazo uMjay.
Phakathi kokunye umsole ngokuthwala.
“Ngumuntu onjani othwele? Mina angimazi, mhlawumbe wena uyamazi,’’ kusho uMjay.
Eqhuba uthe: “Vele kubantu abamnyama uma uphumelela kuba khona izinto abantu abazishoyo kuwena. Okuxakayo kodwa wukuthi bakhona noRupert amadoda acebile ngempela kodwa akukaze kuthiwe athwele.”
Imibhalo okuthiwa ibhalwe yilo wesifazane igcwele izinkundla zokuxhumana. Imizamo yeSolezwe yokuxhumana nalo wesifazane ayizange iphumelele.
Mayelana nezinsolo zokuthi umkweleta imali, uthe akathandi ukukhuluma ngalokho.
Esephetha, usabise intatheli ngokuthi uma iqhubeka nokubhala lolu daba uzoyivulela icala. “Ndoda, mina engingakutshela khona ukuthi ungabobathatha kancane abantu lapha emhlabeni,’’ usho kanje.