UKUKHULISWA ekhaya labantu abakholwayo nokuba ngumzalwane, akumele abantu bakuqhathanise nendawo yokuqwayiza ayilingisa kwithelevishini. Lona wumbono womlingisi oza mawala kwisizini entsha yomdlalo wakwiMzansi Magic. UThabisile Zikhali udlala indawo kaSweety kwiRockville ngo-8 ebusuku ngeSonto.
"Angikakaze ngiyidlale indawo yokuba wumqwayizi, kungokokuqala ngqa. Ngiwumuntu wesonto, bengifuna ukuzibona ngisesimeni sabanye abantu besifazane, ngithole ukuthi kwenzekani beze bengene kule mpilo. Njengomzalwane, asinalo ulwazi lwezimo ababhekana nazo. Ngizinikele ngathatha le ndawo ngoba ngifuna ukuxoxa ngempilo yabo," kusho uThabisile.
Noma ubengaqali ukwenza ucwaningo ngempilo yomahosha ngale ndawo kodwa zibe khona nezingqinamba njengoba bekumele nomqondo wakhe awulungiselele ukuba wumahosha. "Angikakaze ngicabange ukuthi empilweni yami ngoke ngilingise indawo kamahosha. Yingakho bekumele ngenze nocwaningo olujulile ngoba bekungeke kulunge ukuthi ngibonakale ngidlala le ndawo kodwa kube kuvela ukuba umama mfundisi, bekuzobe angibenzi ubulungiswa ngokomsebenzi," kusho uThabisile.
Eqhuba uthe uyazi baningi abantu abazombona bese beyathuka kodwa okumjabulisayo ukuthi abantu abaningi nakhonza nabo bafundisekile ngemikhakha eyahlukene nokulingisa, bazokwazi ukuthi lo wumsebenzi. Izindawo eziningi eziqhelelene nempilo, uthe usazoqhubeka nokuzidlala futhi uyafisa abantu bazi ukuthi impilo yokuba umlingisi.
UThabisile udlala indawo ephambili nje kule mdlalo uqale kwimdlalo yoMzansi Bioskop ngo-2014, ngo-2014 wathola iziqu kwezokulingisa, emuva kwalokho wavela kwiMoja Love ku-Ufelani. Akagcinanga lapho, walingisa nakwiThe Queen ngo-2020. Ngonyaka ofanayo wabonakala nakuma filimu akwiMzansi Bioskop. Yize iRockville isanda kubuya kodwa kubukeka indawo kaSweety inesasasa kakhulu kulo mdlalo. Kuyimanje ulungiselela nefilimu entsha okulindeleke iphume maduze, nasebenza ngokubambisana kuyo noLuthuli Dlamini, Jack Devnarain, Bheki Nkosi, Siphiwe noRenos Greek nabanye.
Uma engekho matasa nomsebenzi wokulingisa, usuke ehlanganisa amasu okulula isandla emphakathini asize abaswele. UThabisile uveze ukuthi waqala engakabi usaziwayo ukuba nohlelo lokusiza abantu. "Ngesikhathi ngisabamba amatoho ngangithi noma ngithola iholo likaR200 ngiyibeke eceleni ingxenye yalelo holo. Ngangithi uma sengibona ukuthi mhlambe sewuhlangane noma uR2 000, ngiyithathe ngiyothengela imindeni eswele amagilosa. Imali yami noma ngabe incane kangakanani ngiyakholelwa ukuthi iyawenza umehluko kongenayo," kusho uThabisile.
Ephetha, uthe isifiso sakhe esikhulu ukuthi ukukhula kulo mkhakha wezokulingisa kanjalo nokukhulisa lo msebenzi wokunikelela abantu ikakhulu intsha afisa isizakale nangamakhono azoyisiza ukuzakhela amathuba omsebenzi.