UKUNGENA kuTop 10 kaMiss South Africa kwesimomondiya esinomkhangu omkhulu, uKgothatso "Kgothi" Dithebe, akukhuthazanga kuphela abanaleli bala, kodwa nabanye bagqugquzelekile.
UKgothatso (26) wasePretoria uyisibonelo esihle emphakathini njengoba ekhuthaze intsha ukuba ingaliphonsi ithawula empilweni.
UKgothatso wakhula eyintombazane eyayihlukunyezwa kakhulu futhi iyinhlekisa ngenxa yomkhangu osebusweni.
"Ngisesesikoleni ngangigconwa, ngibizwa ngawo wonke amagama. Abantu babethi umkhangu wami ubukeka njenge-map yaseNingizimu Afrika. Kunabantu ababengigqolozela becabanga ukuthi ngine-vitiligo."
Le ntokazi inomkhangu ohlukile ebusweni futhi oze wakapakela nasezinweleni. UKgothatso uthi lo mkhangu yiwo owamenza waba yisiphikeleli empilweni njengoba ayebona engavikelekile.
Yingakho namhlanje esekhuthaza amantombazane ukuba azithande futhi aqede le nkoleloze esemkhakheni wezobuhle.
Lesi singqazu aziqali ukungenela lo mqhudelwano. Kuzokhunjulwa ukuthi ngo2019 uKgothatso wayengenelile waphuma sebesele bebahlanu. Isicoco salo zime sakhala semuka noZozibini Tunzi futhi owagcina ethathe isicoco sikaMiss Universe.
UKgothatso ubonge kakhulu ukuthola elinye ithuba lokudlana imilala nezinye izingqazu zakuleli.
"Ngibuyile ngoba angipheli moya futhi ngiyakholelwa ethubeni lesibili. Ukwehluleka kimi kusho ukuzama futhi. Kulokhu senginamava. Ngifuna nabanye abantu besifazane bazi ukuthi banamandla, bacebile futhi bengenza nanoma yini abacabanga ukuyenza. Ungavumeli nanoma yiziphi izimo zibe nomthelela ekusaseni lakho. Ngifuna ukuba yizwi futhi ngibanikeze ithemba. Kunoma yimuphi umntwana wentombazane nabesifazane bangibone futhi bazi ukuthi nanoma yini ingenzeka."
KuMiss SA walo nyaka uKgothatso uzoqhudelana noBianca Bezuidenhout, Catherine Groenewald, Cheneil Hartzenberg, Jeanni Mulder, Kaylan Matthews, Lalela Mswane, Moratwe Masima, Tiffany Francis noZimi Mabunzi eGrand West Arena eCape Town ngo-Okthoba 16.
UKgothatso ukhuthaze abantu besifazane asebephelelwe yithemba empilweni nasebecabanga ukuphonsa ithawula ukuba bakhumbule ukuthi babusisiwe. Khumbula ukuthi unamandla futhi kuningi onakho ongakwenzela umhlaba. Ngicela uqale ukubuka izinto ngeso elihlukile futhi ube wuguquko oludingekayo." UKgothatso ukholelwa ukuthi uma umuntu wesifazane elwela into, usuke engazilweli yena kodwa usuke elwela nabanye. UKgothatso ubuye abe ngaphansi kwenkampani i-Ice Models futhi useke wakhangisa ngengqephu emicimbini emikhulu enjengoMercedes-Benz Fashion Week. Uke wakhangisa izimpahla ezisikwe ngoNandi Madida noGert-Johan Coetzee.